UMGADLI weMarumo Gallants, uTshepo Chaine, ubonga uyanconcoza ngokunikezwa elinye ithuba lokugijima esigabeni esikhokhelayo.
Kula masizini amabili edlule, umdlali ubeyibambe esigabeni sama-amesha iSafa ABC Motsepe League.
UChaine (27), ungomunye wezinduku ezintsha ezigawulwe yiGallants ngaphambi kokuqala kwesizini, ngenhloso yokuqinisa isikwati seqembu.
Phela abaphathi balo bakubeke kwacaca ukuthi bafuna libuyele esigabeni seDStv Premiership, ngemva kokugawulwa yizembe ngesizini edlule.
“Ngibonga ithuba engilinikwe ngabaphathi beMarumo, nethimba labaqeqeshi, lokuthi ngiphinde ngidlale esigabeni esikhokhelayo, emuva kokudlala amasizini amabili esigabeni se-ABC Motsepe League, lapho besengidlale amasizini amabili kwiBlack Eagles, yaseNorth-West.
“Yize ukudlala kwiMotsepe League kungelula ngenxa yezinselelo zakhona kodwa kungiqinisile, kwangakha njengomdlali.
“Kwangenza ngalambela ukuthola elinye ithuba esigabeni esikhokhelayo, nokuyinto engiyithokozele kakhulu ngenkathi senginikwa elinye ithuba yiMarumo,” kusho uChaine, owayeseqenjini leTS Galaxy, elawina iNedbank Cup ngo-2018/2019.
Lo mdlali odabuka eBotshabelo, eFree State, ugcine ukudlala esigabeni seMotsepe Championship ngesizini ka-2020/21, ngaphansi kweThongathi FC ngenkathi isaqeqeshwa nguPitso Dladla.
Lokho kusho ukuhlangana kwemihlathi eyazanayo ngoba lo mqeqeshi usethathe izintambo zokucija leli qembu.
UChaine uchaze kanje umuzwa wokushaya amagoli amabili:
“Ukushaya kwami amagoli amabili emdlalweni wokuqala wesizini kungikhuthaze kakhulu ekutheni ngiqhubeke nokusebenza ngokuzimisela nozakwethu ekwenzeni kangcono emidlalweni elandelayo esisazoyidlala.
“Nakuba ngikholwa wukuthi bekufanele siwunqobe umdlalo wethu neCasric Stars, kodwa ukubuya nephuzu bekubalulekile njengoba siyobhekana neHungry Lions ekhaya.
“Lona ngumdlalo esiyolwela ukuwunqoba, yize sazi ukuthi ngeke kube ngumdlalo olula, ikakhulukazi njengoba iHungry Lions iza kulo mdlalo inokuzethemba ngemuva kokushaya amaTuks.”
Leli qembu elenze ezibukwayo ngesizini edlule lifinyelela emidlalweni yeyandulela owamanqamu eCaf Confederation Cup, lagcina lidliwa yizembe, lilahlekelwe yinqwaba yabadlali abamqoka abathathwe ngamaqembu ePremiership.
UChaine ubingelele kwiGallants ngokuyishayela amagoli amabili ibambana ngo 2-2 neCasric Stars ngeSonto eledlule, komunye wemidlalo yokuvula isizini ka-2023/24 yeMotsepe Foundation Championship, obuseSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga.
IGallants izolwela amaphuzu amathathu okuqala kule sizini ngokubhekana neHungry Lions namuhla ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla:
Ngo-3pm:
Black Leopards v Casris Stars (Thohoyandou Stadium); Magesi FC v Pretoria Callies (Old Peter Mokaba Stadium); Marumo Gallants v Hungry Lions (Lucas Moripe Stadium); Milford FC v Orbit College (Princess Magogo Stadium); Upington City v Venda Football Club (GWK Park)
Kusasa
Ngo-3pm:
University of Pretoria v Maritzburg United (Tuks Stadium)