UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubukeka engasakholelwa kumgadli wakhe, uRanga Chivaviro, onyamanambana kubalandeli baleli qembu ngenxa yokugeja oqekelele bamagoli.
Ukuphawula kukaNabi ngokushoda kwakhe ngomgadli oqatha ngenkathi leli qembu libhekene neRichards Bay FC ngempelasonto, kubukeka sekuyizinkomba zokuthi akasayizwa ekaChivaviro kwazise nguyena mgadli oqatha kuleli qembu.
UNabi ukubeke kwacaca ngemuva kokuhlulwa kwezakhe yiBay ukuthi ukuswela umgadli omude oqatha obezoba sebhokisini alinde ukuqedela amabhola abebewagobela khona, kube yinselelo enkulu kuloya mdlalo.
“Sizamile ukudlala ngezindlela ezahlukene futhi sigobe amabhola kodwa besingenaye umuntu omude ngokwanele ebhokisini. Besidinga umgadli omude futhi onamandla obengaficwa yilawo mabhola,” kusho uNabi.
UChivaviro noTashreeq Morris, bobabili abangabagadli abamqoka kuleli qembu, bebengekho koweRichards Bay. UMorris usalimele kanti uChivaviro ushiywe ngaphandle eqenjini ngenxa yokwehlelwa yifomu.
Ukwehlelwa yifomu kaChivaviro kungemuva kokuthwala kanzima kwakhe ehhewulwa ngabalandeli baleli qembu ngokugeja kwakhe ohlaba udle bamabhola obekufanele awavalele phakathi ngesikhathi leli qembu lidlala ngokulingana ngo 0-0 neCape Town City ngesonto eledlule.
Ngemuva kwalowo mdlalo, uNabi ukhwele wadilika kubadlali beChiefs, ekhala ngokuyeka kwabo oqekelele bamathuba okushaya amagoli phezu kokuba iCity ibidlala ingasaphelele.
UChivaviro oneminyaka engu-32 osayiniswe ngaMakhosi ngesizini edlule esuka kwiMarumo Gallants abeqhulula amagoli kuyo, ufike eNaturena kuthenjiwe ukuthi uzoqhubeka nonyawo oluhle.
Phezu kokuba esenikwe kakhulu ithuba esikimini saleli qembu, izinto zisalokhu zimphika. Lokhu sekumdalele isigcwagcwa kwiningi labathandi baleli qembu futhi sebekwenze kwaba yinjwayelo ukumhhewula ngaso sonke isikhathi uma ehlulwa ngamathuba okushaya amagoli emdlalweni.
Sekuke kwavela ukuthi leli qembu laseNaturena lisamfuna umgadli ozoxazulula inkinga yamagoli okuyindawo eseyinkinga nakule sizini.
Ngakho uChivaviro osashaye amagoli ayisishiyagalolunye kuphela emidlalweni engu-45 asayidlalile kuMakhosi, kubukeka esemancane amathuba okuvuselelwa kwenkontileka yakhe ephela ngoJuni, njengoba leli qembu kulindeleke lenze izinguquko ekupheleni kwale sizini.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log yeBetway Premiership nasabhekene nenselelo yokulwela ukuzibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup ngokuqeda endaweni yesithathu, ngemuva kwekhefu leFifa izobhekana neLamontville Golden Arrows ngoMashi 30, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.