XOLILE MPISANE
KULINDELEKE ukuthi abhekane neqembu lakhe lakudala umgadli we-Al Ahly, uPercy Tau, njengoba ezakhe zizotholana phezulu neMamelodi Sundowns esigabeni samaqoqo seCaf Champions League.
Lokhu kuvezwe umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso Mosimane, ngesikhathi ekhuluma neSouth African Football Journalists Association (Safja) kuleli sonto.
UTau (27) washiya kuMasandawana ngo-2018 eyojoyina iqembu lase-England, iBrighton and Hove Albion. Ngemuva kwalokho wabolekiswa emaqenjini ehlukene aseBelgium ngaphambi kokubuyela kuleli qembu eligijima kwiPremier League.
Akakwazanga ukuziphendlela indawo kwiBrighton wagcina esejoyine umqeqeshi wakhe wakudala, uMosimane, kwi-Al Ahly ngo-Agasti nyakenye.
UTau akadlalanga ngesikhathi leli qembu ligijima kwiFifa Club World Cup muva nje njengoba alimala umsipha sekuseduze uqale lo mqhudelwano.
Nokho uMosimane uthe uTau uyelulama futhi kulindeleke ukuthi aqale ukuzilolonga neqembu ngesonto elizayo.
Nakuba bengabhekile ukuthi alungele ukudlala uma iRed Devils idudulana neSundowns emdlalweni wokuqala kaGroup A ozodlalelwa e-Egypt ngoLwesihlanu oluzayo, uMosimane ukholelwa ekutheni uzobe ekhona kozoba seTshwane ngoMashi 11.
“Besisegunjini lokushintshela ngaphambi komdlalo wokuqala weClub World Cup ngimbona (uTau) ekhoneni ebukeka edangele,” kusho uMosimane.
“Ngimtshelile ukuthi ngiyazi ukuthi yilokhu okumlethe kwi-Al Ahly, ukuzodlala kwiClub World Cup kodwa ngebhadi ukulimala kwakhe kumphuce lelo thuba.
“Sengimphosele inselelo yokuthi asisize sinqobe iChampions League ukuze sithole elinye ithuba lokubuyela kulo mqhudelwano.
“Ngiphoxeke kakhulu ngokungabibikho kwakhe kwiClub World Cup ngoba ngiyamazi uPercy uma ejabule, leli bekuzoba yithuba lakhe lokudansa, akhombise umhlaba ukuthi wayengadlala kwiBrighton ukuba wanikwa ithuba.
"Kubuhlungu nakimi ngoba yingakho ngamletha kuleli qembu. Kodwa ubezilolonga ngoba ungumdlali owuhloniphayo umsebenzi futhi onesibindi. Uqhuba kahle kakhulu.
"Sinethemba lokuthi sizoba naye okungenani emdlalweni wesibili neMamelodi Sundowns. Ngeke wazi. Sifuna asisize sinqobe iChampions League manje. Uza kahle."
Lezi zindaba kufanele wukuthi zizomjabulisa nomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngaphambi komdlalo wobungani neFrance.
IBafana ihlelelwe ukuthi ibhekane nompetha bomhlaba khona eFrance ngoMashi 29.