USEMATANISWA nelinye lamaqembu aseRomania umgadli wakuleli osephenduke undingasithebeni, uLuther Singh.
Lo mdlali osekuke kwavela amahlebezi okuthi ufunwa yiKaizer Chiefs usehlale izinyanga engenalo iqembu selokhu adedelwa elaseSerbia, iFC Cucaricki. Wafika kuleli qembu ngo-Agasti nyakenye, kulandela ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe ende neqembu laseDenmark, iFC Copenhagen.
Ngesizini eyandulela leyo, wayebolekiswe kwiGD Chaves yasePortugal kulandela ukuphikwa yijezi kwiCopenhagen. Isizini yakhe yokuqala kuleli qembu yayigcwele izinkinga njengoba wake walaliswa esibhedlela waphinde wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokukhuluphala.
Ekuqaleni kwaleli sonto, kuvele imibiko ethi uSingh (26) uxoxa neFCSB, okuyiqembu elidlalelwa uSiyabonga Ngezana, anqobe nalo isicoco seligi eRomania ngesizini edlule.
Kodwa-ke ngokusho kwe-website yezemidlalo yaseRomania, i-Fanatik, iFCSB inqume ukungamthathi, wabe eseyozama inhlanhla kwelinye iqembu laseRomania, iFC Politehnica Lași, ekhuphukele esigabeni esiphezulu.
Leli qembu lisekhempini ebanjelwe eBulgaria, edolobheni iBansko, nakuba kungakacaci ukuthi uSingh uyingxenye yayo yini.
I-Lasi iphekwa ngumqeqeshi wasePortugal, u-Anthony Da Silva. Esengumdlali wadlalela amaqembu amabili uSingh aseke wagijima kuwona, okuyiChaves noPacos Ferreira.
IFerreira yiqembu lokugcina uSingh azinza kulona ngempela ngesikhathi ebolekiswe kuyona ngesizini ka-2020/21, lapho eshaye khona amagoli amahlanu, wakha amanye amahlanu emidlalweni engu-29.
Lo mdlali kwiStars of Africa Academy kuleli, akakaze adlale esigabeni esiphezulu kuleli, kwazise waya phesheya eneminyaka engu-17 ethathwa yiqembu laseSweden, iGAIS, ngo-2015.