ULIBHEKE ngabomvu iwindi elilandelayo lokuhwebelana ngabadlali ukuze aqinise iqembu lakhe umqeqeshi we-Esteghlal FC, uPitso Mosimane.
Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika ujoyine leli qembu lase-Iran ngenyanga edlule, ehambisana nethimba lakhe labaqeqeshi. Unqobe okokuqala ngoMgqibelo, behlula iMes Rafsanjan ngo 1-0 emdlalweni wePersian Gulf Pro League.
Ngaphambi kwalo mdlalo ubesehlulwe kathathu kulandelana selokhu athatha izintambo. Wanqotshwa yiKheybar Khorramabad neTractor kwemibili yeligi, washaywa yi-Al Hilal kwi-AFC Champions League.
“Bekungokokuqala sinqoba selokhu sajoyina iqembu ngakho sijabule. Isimo sethu asisihle ngokwesibalo sabadlali esingabasebenzisa. UJaloliddin (Masharipov) uvele wagula, sangakwazi ukumsebenzisa. Bengizibuza ukuthi kanti bangaki abadlali okumele basilahlekele? Noma kunjalo, siyajabula ukuthi uNkulunkulu usizile sawunqoba umdlalo,” uMosimane ucashunwe yi-website yase-Iran i-ISNA.ir ekhuluma ngemuva komdlalo.
“Abadlali balwe kanzima yize singadlalanga ngendlela esifisa ngayo. Besiyidinga kakhulu le wini. Kufanele ngibabongele abadlali, ikakhulukazi abadlali abasebancane abasisizile kulesi sikhathi esinzima. Okumqoka kakhulu wukuthi siwunqobile umdlalo.”
UMosimane usezibonile izindawo okumele baziqinise ngokushesha nakuba ehlose ukuqhubeka nokubheka naseqenjini elincane.
“Kumele siqinise iqembu lethu ngokuthola abadlali abadingekayo. Ngicabanga ukuthi kuhamba kahle konozinti. Ngenhlanhla u-Rouzbeh Cheshmi usebuyile futhi siyethemba ukuthi bonke abanye abadlali abalimele bazobuya maduze. Esikudinga ngokushesha wumgadli ongalibheki ipali nabanye abadlali basesiswini abakwazi ukushaya amagoli baphinde bakhe amathuba. Igoli elisinqobele umdlalo lingene kanzima.,” kuqhuba uMosimane.
“Sizobanikeza nabadlali abasebancane amathuba okudlala. Kufanele sibheke ukuthi laba esibalanda eqenjini elincane sebekulungele yini ukudlala kwelikhulu. Ngizophinde ngiwubhekisise umdlalo ukuze ngibone ukuthi umdlali ngamunye udlale kanjani kodwa kuyiqiniso ukuthi sidinga ukuqinisa iqembu.”
I-Esteghlal isendaweni yeshumi kwi-log yePro League ngamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-10. Isele ngamaphuzu angu-10 kwiSepahan eqhwakele.
Umdlalo we-Esteghlal olandelayo kuzoba oweLast 32 yeHazfi Cup lapho izobhekana khona neMes Kerman ngoNovemba 21.