Richards Bay FC (0) 0
Orlando Pirates (0) 1
UCHAZWE ukungazongi kwabadlali bakhe ngaphambi kowamnqamu weMTN8 umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, kulandela ukuqoqa amaphuzu agcwele eBetway Premiership ngokunqoba kwiRichards Bay FC ngeSonto ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Lo mqeqeshi ubekuphikile ukuthi badlala neBay nje, elinye iso libheke owamanqamu weMTN8 abawudlala neStellenbosch FC ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.
Kube ingcwenga ye-freekick kaKabelo Dlamini, obesanda kungena esiwombeni sesibili, eqinisekise ukuthi eZimnyama ziwathola ephelele amaphuzu okwesithathu kulandelana kweyeligi.
Ngaphambi kokuqala komdlalo uRiveiro uqinisekise ukuthinteka, kuka-Olisah Ndah noMonnapule Saleng, wase ephika eyokuthi ucabanga ngowamanqamu weMTN 8 ngelizayo.
Ezindaweni zoNdah noSaleng kuqale, u-Innocent Maela noDelvi “Gilberto” Viera, ngokwahlukana.
“Owamanqamu engiwaziyo ilo esiwudlala neRichards Bay ngoba siyaqonda ukuthi amqoka kangakanani amaphuzu agcwele,” kusho uRiveiro kwiSuperSport.
“Asiqali ukuba sesimeni esifuze lesi, ngakho-ke amaphutha esiwenze eminyakeni edlule ngeke siwaphinde.”
Emuva komdlalo, uRiveiro uthe: “Besibhekene neqembu okunzima ukulibhobosa kodwa indlela abafana bami abangazange bazonge ngayo ingichazile. Sesingacabanga ngeStellies ngoba sesikwenzile obekumqoka ukuthi sikwenze kwiBay.”
IBay ephekwa, uBrendon Truter, ibingazihluphi kangako ngokuhlasela esiwombeni sokuqala. Lokhu bekunika iPirates ithuba lokuhlasela ngokukhululeka yize lokhu bekungasho ukuthi iBay ibingenayo iminyakazo ethusayo.
Nasesiwombeni sesibili iPirates iyona ebiya iphindelela emapalini eBay kodwa obese kushintshile ukuthi, uSipho Chaine, obevimbele iPirates ubengasekho eholidini njengoba bekwenzeka kwesokuqala.
Ngokubona ukuthi akuhlangani, uRiveiro ukhiphe uTsegofatso Mabasa noThalente Mbatha, wafaka, u-Evidence Makgopa noDlamini.
Seliyoshona iPirates ithole i-freekick uDlamini ayibeke enethini ngobuchule ngomzuzu ka-82 kade kunguyena vele odlaliswe kabi.