UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uphikisa ababona sengathi ukushaywa kwabo iRichards Bay FC kwakamuva kwiDStv Premiership kuhlobene nomdlalo wamanqamu weNedbank Cup abazowudlala neMamelodi Sundowns ngoJuni 1 eMbombela Stadium, eNelspruit.
IPirates ilahle amaphuzu amqoka kwiDStv Premiership, embangweni wayo wokuqeda isizini endaweni yesibili ngokuvumela iBay iyishayele ekhaya koweligi ngempelasonto edlule.
Ngokusho kukaRiveiro obekhuluma nabezindaba kulandela ukuphoxwa iBay ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo, uthe iStellenbosch FC ihleli endaweni yabo ngoba ibona ababheke ukumela i-Premier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo wePirates neRichards Bay, kuqapheleke imvunge kubalandeli baleli qembu ezinkundleni zokuxhumana lapho bebekhala khona ngokuthi uRiveiro ubesithambisile isikimu ngoba ebuswa umdlalo wamanqamu neSundowns.
Obekubakhalisa abalandeli ukungadlali koThabiso Sesane, Thalente Mbatha noMakhehleni Makhaula izindawo zabo ebezivalwe ngo-Olisa Ndah, Ndabayithethwa Ndlondlo noMiguel Timm.
Abezindaba abebesesithangamini noRiveiro, bambuzile emuva komdlalo ukuthi ucabangani ngalo mbono wokuthi nakuba eqhubeka neyeligi kodwa umqondo wabo usuqalile ukucabanga ngamaqhinga okudida iSundowns kowamanqamu.
Lo mqeqeshi waseSpain onomlando omuhle kweyemikhumulajezi kusukela efikile eNingizimu Afrika, ukukhahlele ngazo zombili ukuthi bashaywe iBay ngoba becabanga iSundowns.
“Amanga aluhlaza ukuthi sidlale neRichards Bay sicabanga iSundowns ngoba yonke imidlalo yethu yeligi ifana neyamanqamu ngenxa yobumqoka bamaphuzu.
“Kuliphutha ukuthi sicabanga iSundowns ngoba sicabanga yonke imidlalo elandelayo esisalele futhi kithina yonke le midlalo iyalingana.
“Njengamanje sinenkinga yokuthi iStellenbosch ihleli endaweni esithandazela ukuthi kube eyethu ekupheleni kwesizini.
“Yonke imidlalo esisalele iyafana neyamanqamu ngakho-ke lokhu okubonwa abathile ngeke ngande kangako ngakho ngoba angikuqondi ukuthi kuqhamukaphi.
“NgoMgqibelo ozayo sinodlalo omqoka wamanqamu ne-TS Galaxy ngaphambi kokusonga isizini ngomuye owamanqamu neSuperSport (United),” kuphetha uRiveiro.