UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, akafuni abadlali bakhe bazixake ngokucubungula umphumela weCape Town City kepha ukhulekela ukuthi bafake umqondo emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League abazowudlala neCR Belouizdad yase-Algeria, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-3 ntambama.
IPirates idedele ithuba lokuhlala esicongweni se-log yeBetway Premiership ngokuyeka inqwaba yamathuba alula okuholele ekutheni igcine ngokushaywa iCity ngo 1-0 ngoLwesithathu ebusuku eKapa.
Leli goli lingena nje, uPatrick “Tito” Maswanganyi ubenemizuzu emine egeje iphenathi abeyitholele iPirates.
Ukhombise izimpawu zokudideka umqeqeshi wePirates kwabezindaba ngemuva kwalo mdlalo iPirates ebiwuphethe ngayo yonke indlela.
Ukuqokwa kukaDaren Keet njengomdlali ovelele osukwini kuwubufakazi bokuthi ngaphandle kwakhe, iPirates ibizowunqoba ngembudlu lo mdlalo obekuzoyiqhwakelisa kwi-log.
“Indlela esidlale ngayo namuhla iyagculisa kangangokuba kunemidlalo esike sishaye kuyona into ephansi kunalokhu kodwa amaphuzu asale ngakithina,” kuhso uRiveiro.
“Konke ebengikudinga kubadlali banginikile ngakho-ke akukho okufanele sikwenze ngaphandle kokwamukela ukuthi unobhutshuzwayo usinike lo mphumela.
“Kuzosisiza ukuthi singazixaki ngokuzama ukucubungula ukuthi sishaywe kanjani kulo mdlalo kepha sisebenzise olandelayo njengethuba lokukhipha isibhongo.
“Umkhuleko wami usekutheni asisheshe sikhohlwe ngalo mdlalo ngoba sibhekene nomunye omqoka ngendlela efanayo emahoreni angemangani,” kusho uRiveiro.
IPirates inomdlalo omqoka ka-Group C neBelouizdad okufanele iwunqobe kumnyama kubombu kwazise induku ingawaphazamisa amathuba okudlulela kuma-quarterfinal.
Ukuze iPirates igcine indawo yayo esicongweni kuleli qoqo eqhwakele kulona ngamaphuzu ayisishiyagalombili, imelwe wukuwina noma yikanjani ukuze izoba nawu-11. Ukuvumela kwayo iBelouizdad ukuthi iwine kuyobe kuyayicindeza ngoba leli qembu lase-Algeria lizobe selinamaphuzu ayisishiyagalolunye okulibeka ngaphezulu kwezikaRiveiro.
I-Al Ahly elele isibili kulindeleke ukuthi inqobe kwiStade d’Abijan okuzoyibeka emaphuzwini ayishumi. Ukwenza kahle kwePirates okuhambisana nokweMamelodi Sundowns esendaweni yesibili ku-Group B, kubeka iPremier Soccer League (PSL) ethubeni lokuqopha umlando wokuba namaqembu amabili kuma-quarterfinal eChampions League. ISundowns isendaweni yesibili ku-Group B.
Lokhu kwagcina ukwenzeka ngesizini ka-2020/2021, lapho iSundowns yayihamba khona neKaizer Chiefs osekungumlando ukuthi yagcina ishaywe i-Al Ahly kaPitso “Jingles” Mosimane, kowamanqamu.