URHULANI Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns ubhoboke ngesililo nangokumphoxe kunakho konke nge-video kaThembinkosi Lorch, esabalele ezinkundleni zokuxhumana ezijuxuza namantombazane.
UMokwena osanda kubuzwa abezindaba ngobungani okuthiwa busobala phakathi kwakhe noLorch, uphawule ngalolu daba ohlelweni lwezemidlalo kwiMetro FM ngoMsombuluko.
ULorch (30) ofike ngoJanuwari kwiSundowns esuka kwi-Orlando Pirates, uwine isicoco sakhe sokuqala seligi naleli qembu. NgoMgqibelo odlule, bekuwusuku lokuthi iSundowns iyiphakamise le ndebe njengoba bekusongwa imidlalo yeDStv Premiership.
Imibhiyozo yeSundowns yokudla isicoco seligi sesikhombisa kulandelana iqhubekile kwaze kwaba iSonto ebusuku, lapho uLorch ephanyeke khona i-video ebikhombisa okwenzeka (ngaleso sikhathi) ekhasini lakhe le-Instagram.
Kule video okubukeka sengathi bekushaywa nezinyembezi zikaFaro kuyona, lo mdlali ubonakala egaxe izintokazi ezimbili nazo obekusobala ukuthi ziyakuthokozela ukuhlala nalesi sihlabani.
Kube nemvunge ngale video ezinkudleni zokuxhumana lapho abanye bebesola khola lo mdlali ngesenzo sakhe abasichaze njengesiphoxa ngisho abaxhasi kunabanye abebemvikela ngokuthi akashadile futhi isizini isiphelile.
Kwabebemkhuza bebemkhumbuza ngobungozi bamantombazane, utshwala nezidakamizwa osekuwise inqwaba yabadlali bebhola baseMzansi.
UMokwena ohlelweni abemenywe kulona ngoMsombuluko, uveze ukuthi sebekhulumile nalo mdlali kodwa abaqedile.
“Ungishayele ucingo ekhihla isililo ngaze ngagcina sengikhala kwamina ngoba akumnandi uma kukhona omunye wabadlali bami ongajabule,” kusho uMokwena kwiMetro FM.
“Nakuba sikhulumile kodwa angizange ngimfihlele ukuthi ngiphoxeke kangakanani ngokuthi le video isabalele nje iphanyekwe uyena.
“Sinamaphutha singabantu. Nami nginawami mhlawumbe angaphezulu kwakaLorch ngakho-ke awukho umgqomo wokulahla umndeni.
“Sizoyibhunga kahle le ndaba mina naye neqembu ubuso nobuso, sibone ukuthi iziphi izinyathelo ezizothathwa emuva kwalokho uma zikhona.
“Indlela abekhala ngayo ocingweni ingishiye sengiphuke umoya kwamina ngoba ngisondelene naye futhi ngimkhonzile,” kuphetha uMokwena.
ULorch akaqali ukuba sematheni ngezindaba zangaphandle kwenkundla nezithinta amantombazane kwazise uke wathandana nosaziwayo besematheni kwezokuxhumana kanti usanda kugwetshwa iminyaka emithathu ngecala lokushaya owayeyintombi yakhe.
Lo mdlali ungaphandle ngoba isigwebo sakhe silengisiwe ngesivumelwano sokuthi uzoziphatha kahle.