UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, unovalo ngokuzokwenzeka uma belahlekelwa wumgqigqo wokungehlulwa emidlalweni yeDStv Premiership nakuba uhambisana nengcindezi.
ISundowns ibuye namaphuzu agcwele eThekwini ngemuva kokushaya AmaZulu ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoLwesithathu ebusuku.
Ukuwina kweSundowns kusho ukuthi isiwine imidlalo engu-10 ilandelana kule sizini. Leli yirekhodi elisha kwiPremiership selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996. ISundowns isesicongweni ngamaphuzu angu-30. Ivule igebe lamaphuzu ayisihlanu phakathi kwayo neCape Town City esendaweni yesibili.
Nakuba uMokwena eyivuma eyokuqonga kwengcindezi edalwa wukuqhubeka kwabo nokungehlulwa kodwa akalufuni ushintsho.
“Inkinga ngokususa le ngcindezi wukuthi kufanele sehlulwe. Thina asikumukeli kahle ukwehlulwa. Ngithe kubona (abadlali) abangikhombise umuntu okuthandayo ukwehlulwa. Ngakho asikuthandi ukwehlulwa futhi asifuni ukuwuvula lowo mnyango. Kulokhu kungqongqoza njalo. Kuyona yonke imidlalo esiyiqala ngo 0-0, ukwehlulwa kuyangqongqoza emnyango. Uma uvula, kuzongena. Kufana nomngani omvulela umnyango, uyanethezeka, abize abanye, nabanye babize abanye, bagcine sekungeyabo indlu. Thina asikufuni lokho. Sinabadlali abanomqondo omuhle futhi bafanelwe yikhona konke abakuzuzayo, nokungaphezulu,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo waMaZulu.
ISundowns idlale naMaZulu iphuma esibhaxwini seTP Mazembe emdlalweni weCaf Champions League ekuhambeni ngempelasonto edlule. Nakuba iwinile kowoSuthu kodwa ibihluleka ukudlala ibhola layo elijwayele. Lokho kungenzeka ukuthi kudalwe yiqhinga loSuthu lokungayivumeli ukuthi iphathe ibhola ngokukhululeka.
“Sehlule iqembu elihle kakhulu namuhla. Kodwa yilokho ompetha okufanele bakwenze. Kufanele siwine ngisho nasezimeni ezinzima. Yilokho esikwenzile namuhla. Ngakho sishaye iqembu elihle kakhulu. Sesiwine imidlalo engu-10 ilandelana futhi sijabule kakhulu ngokuba lapho esikhona. Umqondo esinawo owokuthi kufanele siwine noma singadlali kahle. Ngeke kuhlale kukuhle njalo. Umqondo esinawo owokuthi asiliphosi ithawula. Besingekho esimeni esihle kodwa sesiyajabula ngenxa yomphumela,” kusho uMokwena.
“Bekuwumdlalo onzima nakuba siwulawulile esiwombeni sokuqala kodwa senze amaphutha ambalwa. Nokho sizamile ukuwulawula kakhulu. Kube nzima ngoba AmaZulu abelwela ukushaya igoli lokulinganisa futhi abeza ngamandla, esicindezela emuva. Sithwale kanzima lapho ngenxa yokuthi bekudingeka sidlale amabhola asheshayo sigijime.”
Kusasa ngeSonto ngo-3 ntambama iSundowns izobhekana nePyramids yase-Egypt emdlalweni wesigaba samaqoqo weChampions League eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.