KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi weRoyal AM, u-Abram "Wire" Nteo, ngokubuya kukaJohn Maduka owayekhonjwe indlela ekupheleni kwesizini edlule.
Ngesonto eledlule, i-AM imemezele ukuthi isibuyise uMaduka kodwa ayangacacisa mayelana nesikhundla azosiphatha.
UNteo uthe ukubuya kukaMaduka kuzolibuyisela esicongweni iqembu.
"Ngisebenze noJohn isikhathi eside kusukela kwiBlomfontein Celtic. Ngiyajabula ngokuthi usebuyile ukuzokhuphula iqembu,“ kusho uNteo.
“Senze kahle kakhulu ngesizini edlule, sisebenze kahle sinaye. Uzolikhuphula iqembu. Ungumqeqeshi omuhle futhi ngiyajabula ukubona esebuyile. Iqembu sizolibeka lapho elifanele ukuba khona.”
UNteo ubekhuluma emuva kokuthi ezakhe zehlule iLamontville Golden Arrows emdlalweni wabakhaya weDStv Premiership KwaMashu, ngoMgqibelo. Ngaphambi kwalo mdlalo, iThwihli Thwahla kade isidlale imidlalo emithathu ingawini.
"Badlale kahle abafana. Besazi ukuthi uma sidlala umdlalo wabakhaya kuhlala kunzima kodwa ngijabule ngendlela esidlale ngayo,“ kusho uNteo.
“Kweminye imidlalo besivele sidlala kahle kodwa besihluleka ukusebenzisa amathuba ebesiwakha. Kodwa ngijabule ngokuthi namuhla sakhe amathuba amabili, sashaya amagoli amabili.
“Sekuyisikhathi sokuthi laba bafana bakuqonde ukuthi emdlalweni webhola uma uthola amathuba kufanele uwasebenzise.
“Kweminye imidlalo besingabi nayo inhlanhla nakuba besenza kahle. Kodwa yinto esizoyilungisa. Sizobhekana nomdlalo ngamunye ngoba indawo esikuyona (kwi-log) ayiyinhle.
“Kufanele senze isiqiniseko sokuthi sihlala endaweni enhle. Kodwa ngijabule ngamaphuzu amathathu.”
Ubuyela kuleli qembu nje, uMaduka ubekade esewuqhwayilahle emuva kokuxoshwa yiMaritzburg United ngenxa yokuphikwa yimiphumela ekuqaleni kukaNovemba, nyakenye.
Ukubuyiswa kwakhe kwiThwihli Thwahla kufakazele yizinkulumo ebezisabalele zokuthi waxoshwa ngobeyisikhulu esiphezulu uSinky Mnisi, owaqasha uKhabo Zondo ngaphandle kokwazisa umphathi weqembu uShauwn Mkhize.
I-AM izobuyela enkundleni ngeSonto, uma isivakashele iCape Town City kwi-Last 32 yeNedbank Cup eKapa. Kwi-ligi izobuya neSuperSport United ngoFebhuwari 18 ekhaya.