NAKUBA impelasonto edlule ingazange ibe yinhle kwisitobha se-Orlando Pirates kuNkosinathi "Bhodlela" Sibisi, egeja iphenathi ebingaweza ezakhe ngelibanzi zibhekene naMaZulu FC kowe-DStv Premiership kodwa uSiyabonga "Nsimbi" Sangweni ukholelwa ekutheni lo mdlali uyisitobha esahamba phambili kuleli.
Kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium, eSoweto, uSibisi uzidalele amazinyo abushelelezi ngesikhathi egeja iphenathi ebizoqeda ishobolo lokuphela kwemidlalo emine eZimnyama zihluleka ukuqoqa amaphuzu agcwele. Lo mdlalo ugcine uphele ngo-1-1.
USuthu yilo oluyibone kuqala imbobo yepali ngegoli likaSiphesihle Maduna. Elokulinganisa leZimnyama lize noKermit Erasmus.
Sewuphelile umdlalo, kubonakale uSibisi emi yedwa kubonakala ukuthi uphatheke kabi.
Uze wabizwa ngomunye ukuze ajoyine abanye abadlali. USangweni noSibisi badlale kwiLamontville Golden Arrows ngokwehlukana kweminyaka ngaphambi kokuthi baye kweZimnyama. Bobabili laba badlali bayizitobha.
USangweni obehambele imidlalo yaseKing Cetshwayo yokukhipha isikwati esizoyimela kumaSouth African Local Gorvenment Association (Salga) azoba esifundeni iMajuba, ngoDisemba, uchaze uSibisi njengomdlaIi ohamba phambili kuleli.
"Angalinge umfana azisole ngokugeja iphenathi. Ngisho nabadlali abakhulu bayawageja amaphenathi emhlabeni jikelele. Ngisithandile isibindi sakhe sokuthatha leya phenathi. Ngokwami, uSibisi ungumdlali wasemuva ohamba phambili okwamanje kuleli,“ kusho uNsimbi.
Yize emncoma uSibisi kodwa uyakholwa ukuthi kusekhona lapho okumele alungise khona.
"Engicabanga ukuthi kumele akulungise ukuthi ayeke ukuwa uma emaka izitha. Lokho kuzomshaya, uzophaphama isitha sesimshiyile. Ngenhlanhla ngelinye ilanga ngihambele iCosafa, ngahlangana naye ngamtshela okumele akulungise. Ngaphinde ngamtshela ukuthi ngesingami, uzobanjwa kude uma engalungisa izinto ezimbalwa.
“Ngaphinde ngamazisa ukuthi iGoli liyingozi, akagxile emsebenzini wakhe, akhohlwe ubukhazikhazi balo. Okunye engamluleka ngakho wukuthi aqaphele amabhola amade adlalwa izitha. Usaba nenkinga kuwona," kuqhuba uSangweni.
USibisi uvikelwe nangumqeqeshi wezakhe, uJose Riveiro. Ngemuva komdlalo bekukhona nabathi bekungafanele iphenathi ithathwe yisitobha bekhona abadlali abahlaselayo.
“Lokho akusho lutho (ukuthi iphenathi ithathwe ubani). Ukwenzile futhi ngiyambonga ngalokho ngoba akuyona into elula,” kusho Riveiro emithonjeni yabezindaba.
Ngokuhluleka wukunqoba emidlalweni edlule, iPirates seyehlele endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-16, emidlalwen ewu-11. Kusasa izovakashela iLamontville Golden Arrows, ePrincess Magogo Stadium ngo-7.30 ebusuku.
USangweni ubona kukhona okuhle okuhlanganiswa uRiveiro.
"IPirates iphethe abadlali abahle bodwa. Nomqeqeshi ngimbona enza umsebenzi omuhle. Ngicabanga ukuthi ishaywa ibhadi nje. Idinga ukunqoba umdlalo owodwa bese kubuya inhlanhla,“ kusho uSangweni owagaxa amakhokho emgibeni ngo-2016, ngenxa yokulimala.