Bafana Bafana (0) 2
Lesotho (0) 0
IBafana Bafana ilwe kwaze kwayilungela iguqisa ilesotho ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ebusuku.
Amagoli aweze iBafana kulo mdlalo kaGroup C ashywe nguRelebohile Mofokeng noJayden Adams maphakathi nesiwombe sesibili.
Iqembu lakuleli liwuqale ngomfutho umdlalo, ikakhulukazi ngasohlangothini lwesinxele lapho bekuhlasela khona uMofokeng. Lo mdlali uthole ithuba lokuqala ngomzuzu wesishiyagalombili, walibeka eceleni, kwathi elesebili ngoka-15 waliqondisa kunozinti.
Izivakashi ziqalile ukuhlangana maphakathi nesiwombe kodwa akukho okutheni ezikwenzile okuhluphe unozinti weBafana, uRonwen Williams.
IBafana isiqede kahle isiwombe sokuqala, uNkosingiphile Sibisi, uMofokeng noJayden Adams bezama ukubhakuzisa inethi ngomzuzu ka-36, kodwa kwangalunga. Ithuba lokugcina litholwe nguLyle Foster ngomzuzu ka-44, walingqomfela eceleni kwepali.
Kwale kancane ukuthi uFoster abeke iqembu lakuleli phambili kusadlule imizuzu emibili siqalile isiwombe sesibili. Ishodi lakhe lishaye ipali, lashayisa kunozinti, laphinde layoshaya elinye ipali.
Iqembu likaHugo Broos liqhubekile nokucindezela, kwazama uMofokeng ngomzuzu ka-51, kwaphinde kwasebenza unozinti weLikuena, uSekhoane Moerane.
UMofokeng ugcine elinamathiselile enethini ngomzuzu ka-60, kulandela umnyakazo omuhle oqalwe ngu-Elias Mokwana ngakwesokudla.
U-Adams ulandele ezinyathelweni zikaMofokeng naye washayela iqembu lesizwe igoli lakhe lokuqala ngomzuzu ka-64 ngemuva kokuthi iLesotho ihlulekie ukukhipha ibhola ebhokisini.
UPercy Tau umoshe ithuba lokwengeza amagoli eBafana ngomzuzu ka-87, eshaya into ebheke eceleni, kwathi u-Iqraam Rayners wakha amabhilidi ngomzuzu olandelayo, umdlalo uwagcina uphele ngo 2-0.
Komunye umdlalo kaGroup C obuse-Amahoro National Stadium, eKigali, iNigeria iguqise iRwanda ngo 2-0. Wmabili amagoli ashaywe nguVictor Osimhen esiwombeni sokuqala.
IBafana isiqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emihlanu, ilandelwe yiBenin ngayisishiyagalombili neRwanda ngayisikhombisa.
INigeria isisendaweni yesine ngamaphuzu ayisithupha, iLesotho inamahlanu, kanti iZimbabwe isemsileni ngamathathu.