UNOZINTI weLamontville Golden Arrows, uSifiso Mlungwana, unethemba lokuthi iqembu lakhe seliyidlulisile indaba yokuhlulwa yi-Orlando Pirates futhi selibheke umdlalo olandelayo neMaritzburg United.
Abafana Bes’thende badliwe eZimnyama ngo-3-1 ngempelasnto edlule, e-Orlando Stadium, ngesikhathi iqembu lasekhaya lihlohla amagoli amabili esikhathini esengeziwe.
UMlungwana uthe nakuba bekubuhlungu ukuphucwa iphuzu sebethi baliphethe esandleni, kubalulekile ukuthi bagxile emdlalweni olandelayo.
Leli qembu elicijwa uVusumuzi Vilakazi ngokubambisana noMabhuti Khenyeza lizokwamukela iMarizburg United ePrincess Magogo, kusasa ngo-3.30 ntambama.
“Okwamanje konke kuhamba kahle, siyakhombisa ukuthi sifuna ukuwunqoba lo mdlalo. Ngicabanga ukuthi sesikulungele ukudlulela emdlalweni olandelayo futhi sizowunqoba,” kusho uMlungwana.
“Ukuhlulwa yiPirates kube buhlungu kakhulu ngoba silwe kwaze kwaphela imizuzu engu-90 kodwa sayilahla umdlalo usuzophela.
“Njengabadlali sibonisene ngokuthi kumele sizimisele umdlalo wonke, ikakhulukazi ezigabeni ezibucayi njengemizuzu yokugcina yesiwombe sokuqala nesesibili.
“Akukho esingakwenza ngoba amaphuzu ahambile, manje sidinga ukuvuka sithole amaphuzu amathathu kulo mdlalo ozayo ukuze sinyukele endaweni engcono kwi-log."
I-Arrows iyinqobe yomithathu imidlalo yakamuva ibhekene neTeam of Choice. Ngesikhathi behlangana eHarry Gwala Stadium, kule sizini ngo-Okthoba, yanqoba ngo-2-0, uRyan Moon ejikela iqembu lakhe lakudala.
“Kuhlale kuwumdlalo onzima ngoba womabili amaqembu afuna ukuzibonakalisa ukuthi ahamba phambili eKZN. Ngikholwa wukuthi njengoba sabashaya emdlalweni odlule bazobuya ngamandla. Sidinga ukuthi siqine ngokomqondo nasenkundleni ukuze siphinde sinqobe,” kuqhuba uMlungwana.
UKhenyeza uvumile ukuthi iTeam of Choice iyiqembu elehlukile njengoba sekubuye umqeqeshi uFadlu Davids.
Selokhu athatha izintambo idliwe yiTS Galaxy kodwa yakwazi ukushaya iMarumo Gallants, yaphinde yaguqisa iRoyal AM ngo-3-1.
"Badlala ngezitobha ezintathu kodwa uma belahla ibhola bamaka ngabadlali abahlanu ukuze bavale emuva. Siyibukile imidlalo yabo kodwa lo uzohluka,” kusho uKhenyeza.
“Siyamazi uFadlu futhi uzozama ngayo yonke indlela ukuthi lo mdlalo ungafani nale edlule. Siyaliqonda ikhono lakhe njengomqeqeshi futhi naye uyaliqonda elethu.
“Siyabazi abadlali anabo ngakho asilindele umdlalo ofana nesisanda kuyidlala neMaritzburg.
“Uma ubheka i-log, wonke umuntu usengozini ngoba umehluko phakathi kwamaqembu ngamaphuzu ambalwa. Alikho iqembu eliqondile elivika izembe, okusho ukuthi sonke kumele sizilwele,” kuphetha uKhenyeza.