OKUHLE nomusa kuyamlandela umdlali wasemuva, uSiyabonga Ngezana, osebizelwe eqenjini leBafana Bafana okuzohlungwa kulona elizodlala emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo.
UNgezana, ohambe kuleli enuka iqaqa kwabanye abalandeli beqembu abelidlalela, iKaizer Chiefs bemsola ngokudlisa iqembu labo, uqokwe ngumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos ukuthi abe ngomunye wababadlali abangu-50, azokhetha kulona iqembu azogadla ngalo kwi-Afcon, e-Ivory Coast.
Lo mdlali udayiswe iChiefs ezinyangeni ezedlule, ethengwa iFCSB yaseRomania. Nakuba efike eRomania wathwala kanzima, egxekwa ngabalandeli nezikhulu kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kushintshe konke lokho. UNgezana waseTholeni, eMnambithi, usebalwa nabadlali abaphezulu kwiligi yakuleliya lizwe.
Ngenyanga edlule, uqokwe njengomdlali ovelele kuRomanian Cup emuva kokushaya igoli, wakha nelinye bebhekene neBihor Oradea ngo 2-0.
Izolo, uNgezana okunemibiko yokuthi ufunwa yiqembu laseFrance, ubizwe esikwatini sabadlali okuzohlungwa kubona abangu-23, abazomela uMzansi kwi-Afcon ezoba se-Ivory Coast ngenyanga ezayo. IBafana izovula neMali ngoJanuwari 16. Osekuhlalele uNgezana wukuzama ukuthola indawo esikwatini sokugcinA sikaBroos.
Uzobanga indawo noGrant Kekana (Mamelodi Sundowns), Siyanda Xulu (SuperSport United), Nkosinathi Sibisi (Orlando Pirates), Themba Mantsiyane (Golden Arrows), Given Msimango (Kaizer Chiefs), Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns) no-Ime Okon (SuperSport United).
Ngaphandle kukaNgezana, omunye wabadlali ababizelwe esikwatini sikaBroos bengabhekiwe ngunozinti weChiefs, uBruce Bvuma, osavimbe emidlalweni emibili yakamuva yaMakhosi. UBvuma uthole indawo kwiChiefs emuva kokumiswa kuka-Itumeleng Khune. Emidlalweni emibili asayidlalile, akakangenelwa yigoli. UBvuma uzobanga indawo nokaputeni uRonwen Williams weMamelodi Sundowns, Veli Mothwa (AmaZulu), Ricardo Goss (SuperSport United) noMelusi Buthelezi (Orlando Pirates).
Ikhempu yokulungiselela i-Afcon izoqala ngoJanuwari 4-9, eStellenbosch, eWestern Cape. Kulindeleke ibe nomdlalo wobungani ovalelekile neLesotho ngoJanuwari e-Lucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. Izobe isilibangisa e-Ivory Coast ngoJanuwari 11.
Isikwati esiphelele:
Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa, Melusi Buthelezi, Ricardo Goss, Bruce Bvuma.
Emuva: Sydney Mobbie, Grant Kekana, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Thabiso Monyane, Mothobi Mvala, Siyanda Xulu, Given Msimang, Bradley Cross, Thapelo Maseko, Siyabonga Ngezana, Thapelo Xoki, Themba Mantshiyane, Ime Okon, Thapelo Morena, Terrence Mashego, Khuliso Mudau, Fawaaz Basadien.
Esiswini: Teboho Mokoena, Grant Margeman, Jayden Adams, Njabulo Blom, Miguel Timm, Thabang Monare, Sibongiseni Mthethwa, Bathusi Aubaas, Goodman Mosele, Sphephelo Sithole, Ethan Brooks, Patrick Maswanganyi, Mlungisi Mbunjana.
Phambili: Mihlali Mayambela, Themba Zwane, Evidence Makgopa, Khanyiso Mayo, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Lyle Foster, Lebogang Mothiba, Monnapule Saleng, Tshepang Moremi, Elias Mokwana, Bongokhule Hlongwane, Oswin Appollis, Iqraam Rayners.