UCELA ukuthi baqhubeke nokubaseka abalandeli babo, umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi nakuba izinto zingahambanga kahle emdlalweni odlule weBetway Premiership.
Basale bephoxekile abalandeli beChiefs ebebephume ngobuningi bayoyibuka idudulana neSuperSport United koweligi ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
Amakhosi agcine ekhala ngaphansi ngo 1-0 kulo mdlalo ngegoli elishaywe uTashreeq Morris ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala somdlalo.
Yize iChiefs ibifike kulo mdlalo ihambela phezulu ngemuva kokubhaxabula yona i-United koweCarling Knockout ngo 4-0, kodwa bese kungokwesibili ihluleka wukuqoqa amaphuzu emidlalweni yeligi. Yayikade igcine ihlulwe iMamelodi Sundowns.
Emidlalweni emine, iChiefs isanqobe imidlalo emibili, yadliwa kweminye emibili.
UNabi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, ufongqe isigqoko kubalandeli baleli qembu, ecela ukuthi babekezele nakuba kunzima.
"Okumele abalandeli bakwazi ukuthi leli qembu alikho ngaphandle kwabo. Nathi sibuhlungu ngokuthi asizange siwathole womathathu amaphuzu. Esikucela kubalandeli ukuthi kumele bazi ukuthi imidlalo yeligi ifana nomjaho wamabanga amade. Kwesinye isikhathi uyahluleka,“ kusho uNabi.
Ube esebanika umyalezo okumele ngaso sonke isikhathi bawulandele noma izimo zinzima.
"Uma bengabalandeli bethu bangempela kuzomele baqhubeke nokuseseka ngakho konke. Akwenzekenga njengoba bekulindelekile."
Bazobhekana neMagesi ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu emdlalweni weligi oqala u-7.30 ebusuku.
"Siya komunye umdlalo emuva kwezinsuku ezimbalwa. Kumele sinqobe noma kanjani. Sicela abalandeli bethu bahlale beseseka. Iligi ayifani neminye imidlalo. Ngiyifanisa nomjaho omuhle, awudingi ukuxhamazela, kuyabekezelwa. Yebo, yonke imidlalo ibalulekile kodwa maningi amaphuzu okusamele siwalwele. Ngiyaphinda ngithi, umdlalo wangoLwesithathu ubaluleke kithina sonke.“ kusho uNabi.
UNabi ubelokhu ekubelesele njalo ukuthi kumele bafunde emaphutheni abo akudala.
"Akukho okutheni engingakusho, kumele sifunde emaphutheni akudala. Okuhle ngaso sonke isikhathi siyazi ukuthi okubi okwenzekile kumele sikulungise noma kanjani. Asingapheli amandla, okuhle kuyeza."