ISIVININI okukhula ngaso iKhabba Cup sithusa ngisho umsunguli wayo, uManqoba “Chillies” Mkhize, kulandela omunye umqhudelwano obe impumelelo lapho kuhlabane iTwo For Joy FC, egoduke nesheke lika-R120 000 ngeSonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
ITwo For Joy ebunjwe ngabadlali bamalokishi ahlukene akhele iTheku inqobe lo mqhudelwano kwiStar Pirates FC ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi kulandela ukuthi owamanqamu uphele zibambene ngo 1-1.
Ukulala isibili kwiStar Pirates nayo ehlanganiswe ngabadlali bamalokishi ahlukene akhele leli dolobha kuyihlomulise ngo-R50 000.
IKhabba Cup ka-2024 eqale ezinkundleni okukhona kuzona, i-SJ Smith neGlebe Stadium ibihehe amaqembu angu-36 aKwaZulu Natal nase-Eastern Cape.
Kufanele ukuthi nenhloko yabaxhasi beKhabba Cup ka-2024, iHollywoodbets ijabule ngendlela abantu baseMlaza namaphethelo abebephume ngayo kulo mqhudelwano obuhanjelwe izilomo zakudala zebhola, okubalwa uThemba Mnguni, Steve Lekoelea, Siyabonga Sangweni, Derrick Spencer, Thanduyise Khuboni, Japhet Zwane, Ntokozo Sikhakhane noTeko Modise, obeyisimenywa esikhethekile njengenxusa lakwaHollywoodbets.
Njengoba iKhabba Cup ibidlalwa okwesithathu, uMkhize akakholwa ngendlela lo mqhudelwano okhula ngayo kusukela ekuheheni abaxhasi abahlukene nezinkumbi zabantu abawuthamelayo kuya emathubeni owavulela abadlali abangaziwa okungena kwi-Premier Soccer League (PSL).
“Iyangethusa indlela iKhabba Cup ekhula ngesivinini ngayo kangangokuthi ngesikhathi ngiyicabanga okokuqala angikaze ngiphuphe ngayo isikuleli zinga ekulona,” kusho uMkhize.
“Kuyangijabulisa ukuthi lo mqhudelwano usukhule ngale esikhathini esincane usunguliwe kodwa okwehla kahle kakhulu ukuvula kwawo ithuba kubadlali abangakaze bazicabange bedlala esigabeni esikhulu.
“Kusinika amaphiko ukuheha isikhondlakhondla esifana noHollywoodbets ngoba lokhu kusisondeza ephusheni lethu lokuqhubeka nokukhiqiza amathuba okufeza amaphupho naseminyakeni ezayo,” kuphetha uMkhize owake wadlala kwiKaizer Chiefs nakuMaZulu FC.
Umqeqeshi weTwo For Joy, uThomas “TK” Khoza uzwakalise enkulu injabulo ngokuhlabana kweqembu lakhe.
"Ngiyajabula ukuthi abafana baphumelele ukunqoba kusukela emidlalweni esiyidlale eqoqweni ebelinzima.
Iqembu lethu alisona isikwati esihlangana uma sekuyodlalwa kodwa siyiqembu. Sihlala sindawonye kangangokuthi ngibatshelile abafana ukuthi akukhathaleki ukuthi sidlalela u-R120 000, R10 000 noma u-R5 000, sidlala ngendlela efanayo. Sidlala ibhola lethu esilijwayele. Abantu basazi njengeqembu eliwinayo,“ kuphetha uKhoza.
Imiklomelo ehamba ngayodwana ihambe kanje:
Unozinti ovelele: Thabiso Zulu
Isitobha esivelele: Siphamandla Nzuza
Injini evelele: Ayanda Nzimande
Umdlali ovelele: Sibani Mntungwa
Umqeqeshi: TK Khoza