OWAYEYISIQONGQWANE seMamelodi Sundowns, uLucky “Oskhosh” Molefe, uthe uzizwa engokhethekile ngokudlala eqenjini elaliqeqeshwa nguStanley “Screamer” Tshabalala. Uthi iqembu lalidlala i-”Shoe Shine and Piano” okwakuyibhola elinenkosi phakathi elalidlalwa yileli qembu lasePitoli ngeminyaka yama-1980s.
UTshabalala (75), ushone ngoLwesine emuva kokubambeka ngemva kokudutshulwa ngasekuqaleni konyaka ephangwa emzini wakhe. Udlule emhlabeni eseyisikhulu se-Orlando Pirates. Selokhu kuvele izindaba zokushona kukaScreamer, obaziwa ngomoya omuhle namahlaya, sikhulu isililo endimeni yebhola eMzansi.
UMolefe, odabuka KwaMashu, wafikela ezandleni zikaTshabalala owayesanda kuthatha izintambo kwiSundowns iphethwe yinjinga, uZola Mahobe ongasekho. Iqembu likaTshabalala elalibophele abadlali abasezingeni eliphezulu, ladla izicoco okungeseMainstay Cup ngo-1986, ezimbili yiBP Top 8, Ohlsson’s Challenge Cup ngo-1988.
Abadlali ayedla ngabo uTshabalala nguHarold “Jazzy Queen” Legodi, Ernest “Wire” Chirwali (Mtawali), Mike “Nanana” Ntombela, Lovemore “Rambo” Chafunya, Johannes “Bricks” Mudau, uMolefe, William “Makhandeni” Zondi, Pitso “Jingles” Mosimane, noJohnny “Black Sunday” Masegela.
“UScreamer wangenza ngalithanda kakhulu kunakuqala ibhola, ngendlela ayiqeqesha ngayo, nayekwazi ngayo ukukhuthaza abadlali. Wayekwenza uzizwe ungumdlali ophelele, ungene enkundleni unokuzethemba ungasabi mdlali ophambi kwakho, kungakhathaleki ukuthi ngowaliphi iqembu noma udume kangakanani,” kusho uMolefe, owayeyiqongqotha emuva ngasekwesokudla naphakathi nendawo.
“Nguyena uScreamer owaqhamuka ne-Shoe Shine and Piano, okwakuyisitayela sebhola afike wasifunda ngokuvakashela kwakhe amazwe anjenge-Italy, neBrazil kuvalwe isizini (ehanjiswa uMahobe).
“Ekubuyeni kwakhe, wayefika asifundise le ndlela yokudlala, ayeyibiza nge ”Shoe Shine and Piano” okwakuyisitayela esihlukile, esasidida ngaso amaqembu amaningi. Ngizizwa ngingokhethekile ngokuba sesizukulwaneni sabadlali beSundowns abaqala lolu hlobo lwebhola elidla utshani, okuyilona bhola namanje iSundowns esaziwa ngalo ngisho nangaphansi kwabaqeqeshi abehlukene kuze kufike manje,” kuqhuba uMolefe, owagcina ukudlala kwiSundowns ngesizini ka-1993 inqoba iLigi ngaphansi kukaJeff Butler.
“UScreamer wafika wakha ubumbano kwiSundowns, engakhethi iphela emasini kubadlali, iqembu laba yimbumba. Wayenobudlelwane obuhle nabadlali, enamahlaya kodwa uma sekusetshenzwa engalivezi izinyo.
“Ngesikhathi sethu iSundowns yayinabalandeli abambalwa kakhulu ababengekho ngaphezulu kuka-1000 kodwa ngenxa yohlobo lwebhola esasilidlala siqeqeshwa nguScreamer, sakwazi ukuheha abalandeli kusukela ngaleso sikhathi.”
UTshabalala oshone ngoLwesine, waba ngomunye wabadlali bokuqala beKaizer Chiefs ekusungulweni kwayo ngo-1970.
Waba ngumqeqeshi wokuqala weqembu lesizwe iBafana Bafana ngo-1992. Wayengusomaqhinga weChiefs phakathi kuka-1996 no-2001 ngaphambi kokujoyina iPirates asebenze kuyo ezikhundleni ezahlukene, edlule emhlabeni esengusomaqhinga (technical director).