UTEBOHO Mokoena weMamelodi Sundowns akabasoli ngalutho abalandeli baleli qembu ngokumvotela ukuba aqale umdlalo owandulela owamanqamu weCarling Black Label Cup abazowudlala naMaZulu FC kusasa ngo-9.30 ekuseni e-FNB Stadium.
Le njini eyisithenjwa nakwiBafana Bafana, izibona ingomunye wabadlali abakhulu eNingizimu Afrika, yingakho kungayethusi ukuqokwa ukuba iqale umdlalo ekubeni iSundowns igqishe ngabadlali bohlobo oluphamibli lodwa.
Umqeqeshi kaMokoena, uRhulani Mokwena, uvumile ukuthi lo mdlali ungomunye wabakhulu eNingizimu Afrika futhi akumethusi ukuthi naye (lo mdlali) uzibona emkhulu.
UMokoena noMokwena bebekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesine emini lapho iSundowns ibizokwenaba khona ngamalungiselelo ayo okubhekana noSuthu.
“Ngikholwa wukuthi akuzange kube nzima kangako ukuvota kubalandeli beSundowns ngoba vele iqembu libunjwe ngabadlali ongakhetha noma yimuphi kubona,” kusho lo mdlali.
Kusukela efikile kwiSundowns ngoJanuwari, uMokoena uyazenzela esikimini yize kukhona abadlali abanjengo-Andile Jali, Mothobi Mvala, Bongani Zungu noSipho Mbule.
“Okwenza ijezi kube elami kwiSundowns ukuthi ngiwumdlali omkhulu futhi angidingi ukukutshelwa lokho ngoba ngiyakwazi.
“Nginqume ukujoyina iSundowns ngoba iyiqembu labadlali abakhulu ngoba nami ngizibona ukuthi ngiwuhlobo olufanayo. Ngicabanga ukuthi nendlela engidlala ngayo iyangifakazela,” kuphetha uMokoena.
URhulani (Mokwena) uthe, akaphikisani nalokhu okushiwo uMokoena ngoba akwenzela iqembu kusukela efikile, kukhomba ukuthi ungomunye wabadlali abakhulu kwiSundowns.
“Kuningi akwenzayo okukhulu okufakazela lokhu akushoyo ngaye. Ungumfana okhuliswe kahle yingakho ezethemba ngokuzibiza ngomdlali omkhulu okuyinto engajwayelekile kubadlali.
“Abadlali abakhulu batakula amaqembu abo ebunzimeni okuyinto uMokoeana asenzela yona njalo. Empeleni kuyajabulisa ukubona umfana osemncane ekhombisa izimpawu zokuzethemba ngale ndlela,” kusho uMokwena.
Izolo kubuye kwabonakala uPeter Shalulile ejimini yeSundowns obuya ekulimaleni.
ISundowns naMaZulu babhekene ekuseni nje, bobabili bazobe beqala ukuba yingxenye yalo mqhudelwano obujwayele ukudlalwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abazodudulana kowandulela owamanqamu wesibili ngo-12 emini ngaphambi kowamanqamu ozoba ngo-5 ntambama khona e-FNB Stadium, eSoweto.