ILAMONTVILLE Golden Arrows iqhubekile nokungawahloniphi amaqembu athathwa "njengamakhulu" kuleli, yehlula i-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership obuseSugar Ray Xulu Stadium, eThekwini, izolo ntambama.
L. Golden Arrows (1) 2
Orlando Pirates (0) 0
ILAMONTVILLE Golden Arrows iqhubekile nokungawahloniphi amaqembu athathwa "njengamakhulu" kuleli, yehlula i-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership obuseSugar Ray Xulu Stadium, eThekwini, izolo ntambama.
Amagoli Abafana Bes'thende avalelwe phakathi uPule Mmodi womabili ngokwehlukana kweziwombe. Selokhu kuqale isizini i-Arrows ayikashaywa amaqembu ahlonishwayo kuleli kwiPremiership okubalwa kuwona iKaizer Chiefs, Pirates neMamelodi Sundowns.
Badlale ngokulingana neSundowns emdlalweni owaphela ngo 1-1 ngoDisemba nyakenye, badlale ngokulingana neChiefs emdlalweni owaphela ngo 2-2, njengoba sebeshaye iPirates izolo. Ishaywa nje iPirates, imisila ibiphezulu iya kulo mdlalo ngemuva kokwehlula omkhaya Amakhosi ngo 2-1 ngeledlule.
Kucace zibekwa kulo mdlalo ukuthi uzoba nebhola elihle, kwazise amaqembu omabili anabadlali abahle ebholeni, abadle ngomjiko osheshayo oya phambili. Iqembu lasekhaya lithumele umyalezo zibekwa ngomzuzu wesishiyagalolunye, uKnox Mutizwa eshaya ingobela yebhola ethi ulibeka enethini ngemuva kokuphaselwa uSeth Perusnath ebhokisini. Nokho uRichard Ofori waliphebeza laphuma eceleni kwamapali.
Alikho ithuba elicacile elakhiwe iPirates ngesiwombe sokuqala, ngaphandle kwebhola ebelingenamandla elingqofwe ngekhanda uPaseka Mako ngomzuzu ka-28, walibamba kalula uSifiso Mlungwana ongunozinti we-Arrows.
Akuthusanga ukuhamba phambili kwaBafana Bes'thende ngomzuzu ka-40, uMmodi eshaya igoli elihle. Ibhola liphumele ngaphandle, ngesikhathi iPirates isalele, bacabanga ngokushesha abafana be-Arrows uMichael Gumede waphosela uMmodi ngokushesha ibhola, wabhekana no-Ofori kwakhala inethi.
Ngesiwombe sesibili ibuye ngamandla iPirates ifuna igoli lokulinganisa. Ithole iphenathi ngomzuzu ka-57, uThabani Zuke eshaywa yibhola engalweni. Kunikwe isethenjwa uThembinkosi Lorch umsebenzi wokushaya igoli lokulinganisa, kodwa washweba wakha amabhilidi.
Kubuyile kwazoyidla lokho iPirates, uMmodi eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-66. Udonga lwasemuva lweBucs, alusheshanga wagqashuka, ethola uqekelele, washaya umshosha phansi okhale enethini.
Bese kuphoqa ukuthi eZimnyama zishoshele phambili, zizame amagoli okulinganisa. Lokhu bekusho ukuthi emuva, nazo zizovuleka. Ukube i-Arrows iwasebenzisile amathuba ewatholile, lo mdlalo ubuzophela ngomphumela obuzoyihlambalaza iPirates. Selokhu kuqale isizini Abafana Bes'thende basashaywe kanye kuze kube manje kule sizini. Bashaywe iCape Town City ngo 4-2 ngenyanga edlule.
Komunye umdlalo obuseThekwini, AmaZulu FC aqhubekile nefomu yawo enhle, eshaya ngo 4-3, iBloemfontein Celtic eKings Park Stadium.