IPHINDE yaqopha umlando iMamelodi Sundowns Ladies ithatha isicoco seHollywoodbets Super League okwesihlanu kulandelana.
Leli qembu, eliphekwa uJerry Tshabalala, lixebule iTUT Matsatsantsa ngo 5-0 eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ntambama.
U-Andisiwe Mgcoyi noRhoda Mulaudzi bahlohle amagoli amabili emunye, elinye lashaywa nguLelona Daweti.
Lo mphumela uqinisekisile ukuthi alikho iqembu elisazokwazi ukufica iSundowns esinamaphuzu angu-80 emidlalweni engu-29.
Ilandelwa yi-University of Western Cape enamaphuzu angu-66 emidlalweni engu-77. Leli qembu laseKapa liphinde lalahla amaphuzu lishaywa yiJVW FC ngo 2-1 ekhaya ngeSonto.
“Sijabule kakhulu ngokunqoba, ikakhulukazi mina njengoba nginqobe isicoco sokuqala naleli qembu elikhulu. Kuwumuzwa omangalisayo ukuba yingxenye yale mpumelelo nokuqopha umlando. Akulula neze ukugcina iqembu kuleli zinga eliphezulu. Kukhombisa ukuthi sisebenza kanzima futhi sibambisene,” kusho umdlali weSundowns, uSimone Sauls, ekhuluma kwi-website yeqembu.
I-UWC izodlala omunye weSuper League neTS Galaxy Queens e-UWC Stadium namuhla ngo-3 ntambama ngaphambi kokuthi yona neSundowns babhekise amabombo eMorocco ukuyomela elakuleli kwiCaf Women’s Champions League ezoqala ngoMgqibelo isongwe ngoNovemba 23.
I-UWC izodlala eyamaqoqo kuGroup A lapho iqhathwe khona neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo, i-Aigles de la Medina yaseSenegal ne-AS FAR yaseMorocco.
AmaBrazilian azoqala ukuvikela isicoco sawo kuGroup B okukhona kuwona iTutankhamun FC yase-Egypt, iCBE FC yase-Ethiopia, ne-Edo Queens yaseNigeria.