Mamelodi Sundowns (1) 2
Wydad Athletic (0) 0
IMAMELODI Sundowns izifake emabhukwini omlando iba ngompetha bokuqala be-African Football League iguqisa iWydad Athletic ngo 2-0 emlenzeni wesibili wowamanqamu eLoftus Versveld ngeSonto ntambama.
Inqobe ngo 3-2 uma kuhlanganiswa yomibili imilenze.
Amagoli anqobele leli qembu lasePitoli isicoco ashaywe nguPeter Shalulile no-Aubrey Modiba ngokwehlukana kweziwombe.
Ngokunqoba lo mqhudelwano obungenelwe ngamaqembu ayisishiyagalombili ahamba phambili kwizwekazi i-Afrika amaSandawana aklonyeliswe ngo-4 million USD (R74.90 million), iWydad yathola 3 million USD (R56.17 million) ngokulala isibili.
AmaBrazilians angene enkundleni edinga ukushaya okungenani igoli elilodwa (bese engangenelwa igoli) ukuze athathe indebe ngemuva kokuhlulwa ngo 2-1 emlenzeni wokuqala odlalelwe eStade Mohammed V, eCasablanca, ngempelasonto edlule.
Iqembu laseCasablanca lingene kulo mdlalo engekho ukaputeni walo uYahya Jabrane, obemisiwe ngenxa yokuthola amakhadi aphuzi.
Elasekhaya liqiniswe ukubuya kukaLucas Ribeiro benoShalulile, ebese kunesikhathi bagcina ukubonakala enkundleni ngenxa yokulimala.
EzikaRhulani Mokwena zisheshe zawuphatha umdlalo zikhombisa ukuthi zifuna igoli kodwa zihluleke uma sezifike ebhokisini, izitobha zeWydad zala ukhasha.
Bobabili onozinti baphenduke izibukeli isikhathi esiningi esiwombeni sokuqala njengoba la maqembu abenganikani ithuba lokugcina ibhola isikhathi eside.
Indlela yeSundowns ize yavuleka esikhathini esengeziwe ngaphambi kwekhefu ngesikhathi unozinti weWydad uYoussef El Motie ehluleka ukubamba ishodi ebelithunyelwe nguTeboho Mokoena. Ibhola liwele onyaweni lukaShalulile, walibeka enethini kwachwaza abalandeli beSundowns abebegcwele inkundla.
Kuyiwe ekhefini iqembu lasekhaya selibonana kalula enkundleni, iWydad ingasakwazi ukumaka njengoba beyenza ngasekuqaleni komdlalo.
Kwale kancane ukuthi uShalulile athole igoli lesibili ngomzuzu ka-48 ngesikhathi ethatha ibhola u-Anas Serrhat abethi uliphasela unozinti wakhe. Uzamile ukumjika lo nozinti kodwa wakwazi ukulithatha ezinyaweni zakhe ngezandla ibhola.
UModiba uyijezisile iWydad ngephutha elifanayo ngomzuzu ka-53, ecosha elinye ibhola ebelibhekiswe emuva. Udlule ezitobheni ezimbili maqede waleqisa kunozinti layohlala enethini.
Leli goli lesibili liyivusile iWydad njengoba iqalile ukuhlasela isifuna igoli ebelizokwemza amagoli alingane uma kuhlanganiswa yomibili imilenze. Usebenzile unozinti weSundowns, uRonwen Williams, evimba ibhola ebelingqofwe ngu-Ayoub El Amloud ngomzuzu ka-58.
Nokho iSundowns ibikwazi ukusheshe ibuyele emuva uma ilahla ibhola, izivakashi zingayitholi intuba yokungena ebhokisini.
Elinye ithuba liqhamuke ngomzuzu ka-82 ngebhola elide eliqhamuke ngakwesokunxele, u-El Amloud walibeka phezu kwepali ngekhanda ngemuva kokugxuma ngaphezu kuka-Abdelmounaim Boutouil.
IWydad izame yancama ukuthola igoli emizuzwini yokugcina yomdlalo, uWilliams eselibamba alale phansi ibhola kuchwaze izihlwele, umdlalo waphela ngo 2-0.
Ngaphezu kwezindodla zemali ezitholwe yiSundowns ngokunqoba lo mqhudelwano, lesi sicoco sithobe namanxeba okuhluleka ukuthatha esesibili seCaf Champions League selokhu yathatha esokuqala ngo-2016.
Ngesizini edlule yakhishwa yiWydad kwiChampions League kowandulela owamanqamu.