UMDLALI wasemuva weBanyana Banyana, uBambanani Mbane, ulindele ukuthi bakhombise ubungcono uma sebebhekene ne-Argentina emdlalweni wesibili kuGroup G eNdebeni yoMhlaba, eNew Zealand.
Lo mdlalo uzobanjelwa eForsyth Barr Stadium, eDunedin, kusasa ngo-2, ekuseni ngokwesikhathi sakuleli.
IBanyana Banyana idedele wonke amaphuzu ngemizuzu yokugcina idlala neSweden kowokuvula ngempelasonto edlule, yagcina iguqe ngo 2-1 kade ihamba phambili.
Lo mphumela uyishiye endaweni yesithathu eqoqweni. ISweden isesicongweni ngamaphuzu amathathu, ilandelwa yi-Italy, nayo enamaphuzu amathathu, kanti i-Argentina ibambe indawo yokugcina nayo neqanda. Ihlulwe i-Italy ngo 1-0.
IBanyana kumele inqobe nakanjani kwi-Argentina ukuzika ithuba elingcono lokubalwa namaqembu amabili eqoqweni angadlulela esigabeni esilandelayo.
"Umdlalo ne-Argentina ubaluleke kakhulu, okumele sikwenze ukuthi sisebenzise wonke amathuba esiwatholayo. Yilokho kuphela okushodayo ngoba sidlale kahle (neSweden). Kumele sithathe zonke izinto ezinhle esizenze sibhekene neSweden siqhubeke nazo kowe-Argentina. Uma singazimisela ngendlela efanayo singenza kahle kulo mdlalo.
"Alikho iqembu esingalibukela phansi ngoba asinaso isiqiniseko sokuthi i-Argentina izodlala kanjani uma isibhekene nathi. Asilazi isu abazoza nalo kodwa kufanele sigxile kakhulu kithina nokuthi singathuthuka kanjani kulokhu esikwenze sidlala neSweden. "
UMbane ungomunye wabadlali abagqamile emdlalweni wokuqala ngenxa yokuzikhandla kwakhe emuva ngesikhathi bengaphansi kwengcindezi.
Wayeyingxenye yeqembu elahluleka ukudlulela kweyomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba eFrance ngo-2019, uthe angathanda ukubona leli qembu liqopha umlando ngokungena kwi-Last 16.
“Ngingumuntu okhuthele futhi angifuni ukuhlulwa, ngihlezi ngizitshela ukuthi uma ngithola ithuba kumele ngilisebenzise, akukhathali ukuthi ngilithola kuphi futhi kanjani,” uqhube kanje.
"Siyafuna ukudlulela kwiLast 16, okusho ukuthi kumele sisebenze kanzima futhi sisebenzise amathuba ethu. Ngeke kube lula kodwa sizimisele ukungena kwiLast 16."
I-Argentina isidlale eNdebeni yoMhlaba kathathu, ngo-2003, 2007 nango-2019, kodwa nayo ayikaze idlulele esigabeni somkhumulajezi.