UMGADLI obeyinyama emaqenjini athathwa njengamakhulu kwiPremier Soccer League (PSL), uKhanyisa Mayo, uphumele obala ngokuwashwebisa kulandela ukuqoma kwakhe izinkunzi zase-Algeria i-Chabab Riadhi Belouizdad.
UMayo (25) obesemabhukwini eCape Town City bekubhekwe ukuthi avumbuke koyedwa phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ukube bekuya ngokwamahebezi abesabalele kwabezindaba,
Lo mgadli umenyezelwe ekupheleni kwesonto eledlule njengomdlali omusha weBelouizdad elale isibili eligini enkulu yase-Algeria ngesizini edlule.
IBelouizdad eyingxenye yeCaf Champions League ngenxa yokuqeda emhlane weMC Alger, inike uMayo inkontileka yamasizini amathathu.
Kufanele ukuba uhleka yedwa usihlalo weCity, uJohn Comitis, kwazise ubengakufihli ukuthi inhloso yakhe enkulu bekuwukudayisa uMayo eqenjini elingadlali kwiPSL.
Ngesikhathi ethulwa, uMayo obekhuluma kwi-CB Belouizdad TV, uthe phakathi kokumhehe kuleli qembu kugqame ukusukuma kukasihlalo walo, uMehdi Rabehi, ozifikele mathupha eKapa ukuzokhuluma naye.
“Amasizini amane engiwahlale eKapa abesanele ukuthi sengingabheka engxenye kwazise ngikholelwa ekutheni bese ngiwenzile umsebenzi wami kwiCity,” kusho uMayo.
Lo mgadli owafika kwiCity ngesizini ka-2021/2022 esuka kwiRichards Bay, wacazelana ngomklomelo wesicathulo segolide se-PSL ngamagoli eligi awu-12 noPeter Shalulile, weSundowns ngeka-2022/2023.
“Kuliqiniso ukuthi abekhona amaqembu abengifuna kodwa ukusukuma kukamengameli weqembu eze kimina eKapa kungikhombisile ukuthi ngibalulekile.
“Umlando weqembu nokuhlabana kwalo eminyakeni engu-55 eliyidlale esigabeni esikhulu ungithathile. Idolobha okuzinze kulona iqembu lihle okungenye yezinto ebengizibhekile,” kuqhuba yena.
Akukho okuningi athe angakwethembisa abalandeli ngaphandle kokuqhubeka lapho engigcine khona kwiCity.
“Ukushaya amagoli ikhona engikwaziyo futhi ngiyazi ukuthi kuzobalula ukuthi ngamukeleke emndenini omusha uma ngingasichithi isikhathi phambi kwamapali,” kuphetha uMayo.
Labo mpetha be-Algerian Cup bangesizini edlule, bazoqala eyokuhlungela eyamaqoqo yeChampions League ne-AC Leopards yaseCongo-Brazzaville ngo-Agasti 18 ekuhambeni kowomlenze wokuqala.
Owokuqala weligi yase-Algeria, iBelouizdad nawo izowugijimela ekuhambeni neKhencela ngoSeptemba 14.
UMayo ungumdlali wesibili weBafana Bafana ojoyine iqembu lasenhla ne-Afrika ezinsukwini ezedlule kwazise kuqale, u-Elias Mokwana, osayine kwi-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia.