UMENGAMELI weRoyal AM, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, ukholwa wukuthi ukugwetshwa kwabo ekusayiniseni abadlali kubavule amehlo ngethalente labadlali abanabo eqenjini elincane elidlala kwiDiski Challenge.
UMaMkhize ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe ziguqise iMaritzburg United ngo 4-3 kowamanqamu eKZN Premier’s Cup ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi, ngeSonto.
I-AM ibifinyelele kowamanqamu alo mqhudelwano wokuzifudumezela ukuqala kwesizini ngokunenebula AmaZulu ngo 3-0 kowandulela owamanqamu. IMaritzburg beyifinyelele ngokuguqisa iRichards Bay FC ngo 6-5, nakhona sekukhahlelwa amaphenathi.
I-AM idla isicoco sePremier’s Cup nje, ibophele iningi labadlali bayo abakhushulelwe esikimini esikhulu besuka eqenjini layo elincane leDiski Challenge njengoba isaboshwe izandla, ingakwazi ukungena emakethe ithenge abadlali.
Lokhu kungenxa yesigwebo eyasithola enhlanganweni eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, ngemuva kokulahlwa yicala lokunqamula inkontileka yomgadli odabuka eSerbia, uSamir Nurkovic, ngokungemthetho. Yabe iyalelwela ukuba imkhokhele isamba sika-R12 million, okungumyalelo eyawushaya indiva.
Kwaphinde kwaba ngesifanayo ithola isigwebo imangalelwa uRicardo Nascimento waseBrazil.
“Ikusasa labadlali abancane lapha kwiRoyal AM liqhakazile, akukho ukungabaza ngalokho. Usihlalo weqembu, u-Andile Mpisane, wabeka umgomo wokuthi akudlaliswe abadlali abasebancane, ngakho kuyasithokozisa ukulibamba kwabo ngazo zombili ithuba abanikwe lona.
Ngikholwa wukuthi ukunqoba kwethu lo mqhudelwano kuzokwenza umehluko kulaba badlali bethu abancane nakubadlali nje bonke abaseqenjini, ekwenyuseni ukuzethemba kwabo njengoba sekusondele ukuqala kwesizini,” kusho uMaMkhize.
Leli qembu lisalinde isinqumo seCourt of Arbitration for Sport (CAS) esizophuma ngoSepthemba 13, nokuyisona esizocacisa ngesigwebo.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali liphela ngoSepthemba 20. UMaMkhize uthe uyathandaza.
“Ngiyathandaza ukuthi isinqumo seCAS sivune thina kodwa angifuni ukukhuluma ngaleyo ndaba. Angiyifuni leyo ndaba! Ngale kwalokho, ngikholwa wukuthi abadlali esibakhulisayo eqenjini lethu elincane leDiski Challenge bayathembisa, futhi bazokwazi ukwenza umsebenzi uma benikwa ithuba.
Kwesinye isikhathi ngicabanga ukuthi ezinye izinto zenzeka ngesizathu. Uma uyibheka kahle le nto iyakutshela ukuthi ukuba asisitholanga lesi gwebo, mhlawumbe besingeke sigxile kubadlali bethu abancane.
Mhlawumbe futhi lesi sigwebo besithi kithi, vulani amehlo, iqembu lenu linabadlali abangenza izinto zenzeke.“
IThwihli Thwahla eqede isizini edlule isendaweni ka-13 kwi-log yePremiership, izovula isizini ka-2024/25 ngokubhekana neCape Town City, eHarry Gwala Stadium, ngoSepthemba 14.