UFISA ukuthola elinye ithuba lokubuyela enkundleni obengumdlali weSuperSport United, uKudakwashe Mahachi, ngemuva kokuphuma phambili emacaleni abethweswe wona.
Lo mdlali odabuka eZimbabwe, umiswe ngaMatsatsantsa ngoMeyi, ngemuva kokuthweswa icala lokuzama ukubulala nelokuhlukumeza indodana yakhe, uDiego (4).
Ngaleso sikhathi wayenenkontileka ne-United ezophela ngoJuni, engazange isavuselelwa.
Ngokwesitatimende asikhiphe ekhasini lakhe kwi-Instagram izolo, lo mdlali (29) oke wagijima kwiMamelodi Sundowns, iLamontville Golden Arrows, ubonge abezobulungiswa eZimbabwe, ngokugeza igama lakhe.
"NgoLwesihlanu, ngoNovemba 25, ngiphume phambili emacaleni amabili abucayi okuzama ukubulala nokuhlukumeza ingane. Kulezi zinyanga eziyisikhombisa ezedlule, impilo yami iphenduke yaba mapeketwane," kusho ingxenye yesitatimende.
"Ngaxoshwa yiqembu lami ngokushesha futhi ngangaba nayo indlela yokuthola imali. Ngahlanjalazwa yisizwe engake ngaba yisithandwa saso futhi ngehlulelwa ezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokuqulwa kwecala.
“Kulezi zinyanga eziyisikhombisa ngilahlekelwe yikho konke ebengiphila ngakho, ngabalekelwa yilabo engangidlala nabo, ngasongelwa ngokubulawa, ngahlushwa wukhwantalala nezinye izinto eziningi.
"Ngilahlekelwe yikho konke ebengikusebenzele. Bekuyiphupho lami ukudlalela nokumela izwe lami. Angisakwazi ukondla umndeni wami njengoba yonke imali ebengiyibekile isivele yashabalala ngesikhathi ngilwela ukuthola ubulungiswa.
"Ngithandazela ukuthi kube khona ozimisele ngokunginika ithuba ukuze ngibuyele ekudlaleni umdlalo engiwuthandayo futhi ngikwazi ukuphuma ebholeni ngendlela efanele, hhayi lesi simo esinzima ebengibhekene naso," siphetha kanje isitatimende
Ngokombiko we-website yaseZimbabwe, i-ZimEye.net, uMahachi ukhishwe phambili yimantshi yesiFunda eBulawayo, uMnuz Mark Dzira, ngenxa yokuthi uMbuso wehlulekile ukuveza ubufakazi obungangabazeki kuleli cala. Kuvele nokuthi obebuqhamuka kofakazi bebuphikisana futhi bubuye bungahlangani.
UMahachi wayeseqenjini lesizwe laseZimbabwe elidlale kwi-Africa Cup of Nations ebibanjelwe eCameroon ekuqaleni kwalo nyaka. Washaya igoli emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngesikhathi iWarriors iguqisa iGuinea-2-1 kodwa yahluleka ukudlulela kwi-Last 16.
IZimbabwe isamisiwe yiFifa emidlalweni yamazwe ngemuva kokuthi ngoMashi, le nhlangano eyengamele ibhola emhlabeni ikhiphe isinqumo sokuthi uhulumeni waleya lizwe ugxambukela ezindabeni zebhola.