MANCANE amathuba okuthi kubonakale iLamontville Golden Arrows isayinisa abanye abadlali kuleli windi lokuhwebelana, uma kuya ngamazwi omunye wabaqeqeshi bayo, uMabhuti Khenyeza.
Abafana Bes’thende basanda kwamukela umdlali wasesiswini, uNtsako Makhubela okhuze ibuya ngokubolekwa kwi-Orlando Pirates.
UKhenyeza uthe abasiboni isidingo sokwenza izinguquko eziningi kuleli qembu njengoba sekungenwe emzuliswaneni wesibili wesizini.
“Angiqondi ukuthi kungani nasebholeni lomhlaba ubona iqembu elifana neLiverpool lisayinisa abadlali kodwa lilokhu lidliwa. Ubona amaqembu esayinisa abadlali kodwa angayitholi imiphumela efanele,” usho kanje.
“Akusho lutho ukuthi usayinisa bani, kodwa okumele ukwenze wukulungisa iqembu lakho. Ibhola lidlalwa ngokuhlanganyela, hhayi umuntu ngamunye. Kumele ulungise iqembu lakho, ukuze lilwele ukunqoba izindebe futhi kube nzima ukudlala nalo.
“Angifuni ukubalula amagama amaqembu aseNingizimu Afrika, asayinisa abadlali ababiza imali eshisiwe kodwa adliwe ngamaqembu anabadlali ababiza kancane, ngenxa yokuthi bayazinikela."
Esengumdlali, uKhenyeza udlalele inqwaba yamaqembu okubalwa kuwo i-Arrows, Kaizer Chiefs, Ajax Cape Town, SuperSport United, Mamelodi Sundowns, naMaZulu.
Yize abanye abaqeqeshi abayibambe kwiDStv Premiership bekhala ngokuthi iMamelodi Sundowns isebenzisa imali ukuqinisa isikwati sayo, okwenza izigwazele ibhece kule ligi, uKhenyeza ukholwa wukuthi lokhu kubuye kusetshenziswe njengezaba.
“Noma ngubani angasho noma yini afuna ukuyisho, kodwa angikholwa wukuthi iqembu elilodwa lingakhonya ngokuthenga abadlali kuphela," uqhube kanje.
“Kuliqiniso ukuthi iSundowns iyabathenga abadlali kodwa ayibathengi bese beya eholidini, basebenza kanzima.
“Amanye amaqembu ayathenga kodwa abadlali bazipholele, yiwona lowo umehluko phakathi kweSundowns namanye amaqembu. Ungathenga noma yimuphi umdlali kodwa uma ezithela ngabandayo ngeke uzuze lutho.
“Okusemqoka ebholeni yizenzo, hhayi amagama, kodwa iningi labantu lisabambelele ekutheni iqembu kumele lithenge abadlali abathile.
"Ungazithenga zonke izihlabani kodwa uma zingazimisele ngokusebenza, ngeke uthole lutho. Kumele zikwazi ukuvala emuva futhi zihlasele. Imali ayisoze yazigijimela enkundleni."
I-Arrows isendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-16. Umdlalo wabo olandelayo kuzoba ngowomkhaya baKwaZulu-Natal neMaritzburg United ePrincess Magogo Stadium ngoMgqibelo ntambama.