INKAKHA yeManchester United, uRoy Keane, ishiye engalazi kubadlali beBrazil ibasola ngokuthi indlela abajabulele ngayo amagoli abawashaye bebhekene neSouth Korea eNdebeni yoMhlaba ikhombise ukulithatha kancane leli qembu.
Kulo mdlalo weLast 16, odlalwe ngoMsombuluko ebusuku kulo mqhudelwano obanjelwe eQatar, iSelecao ishaye iSouth Korea ngo-4-1.
UKeane, owayengukaputeni weRed Devils, ubephawula kwithelevishini lapho esebenza khona njengomhlaziyi wemidlalo.
Uthe indlela abeBrazil abebewabhiyozela ngawo amagoli imkhumbuze uhlelo oluthandwa kakhulu eBritain, iStrictly Come Dancing, lapho kuqhudelwana khona ngomdanso.
“Angikaze ngikubone ukudansa okungaka,” kusho uKeane. "Kufana nokubuka iStrictly Come Dancing. Angikukholwa engikubonile. I-Brazil idlala ibhola elimangalisayo kodwa isingaze idansele ukuhlula iSouth Korea?
"Yenze into encomekayo iBrazil kodwa angikuthandi lokhu. Abantu bathi yisiko labo (abaseBrazil) kodwa ngikubona kuwukungahloniphi iqembu enidlala nalo. Bashaye amagoli amane, bakwenza kuwona wonke."
Amagoli eBrazil ashaywe nguVinicius Jnr, Neymar, Richarlison noLucas Paqueta. U-Keane uthe bekungeke kube kubi ukube abeSelecao badanse kanye kuphela.
"Anginankinga kangako nomdanso wokuqala, angijabulanga ngokwenzeke ngemuva kwalokho. Angicabangi ukuthi kube yinto enhle. Igoli likaVinicius belilihle, bawuqale kahle umdlalo.
“Okwenza iqembu lihlonishwe kakhulu yilokhu elikwenzayo uma lingaliphethe ibhola. I-Brazil inalo ithalente futhi silibonile kulo mdlalo. Kube yintokozo ukuyibuka bukhoma.”
Omunye umhlaziyi owaduma esadlalela iLiverpool neScotland, uGraeme Souness, naye ujike wabomvu ebusweni ecikwa imidanso yabadlali beBrazil.
Nokho, ngokubona kwakhe leli qembu belingahlohla namagoli angaphezu kwamane.
"Sekusele kancane ukuthi kube khona umdlali obadlalisa kabi laba baseBrazil," kusho uSouness obona sengathi lokhu kudansa kuzogcina kucasule izitha zeBrazil.
Umdlalo olandelayo weBrazil uzoba ngoLwesihlanu lapho izobhekana khona neCroatia kuma-quarterfinal.