Omunye wabaqeqeshi baMaZulu FC, uVusimuzi “Kanu” Vilakazi, uphumele obala ngesifiso saleli qembu laseThekwini ngendawo eliphupha ngokuqeda kuyona ekupheleni kwale sizini yeBetway Premiership esingena kuvuthondaba.
AmaZulu, akunombolo-12 kwi-log, anethuba lokugxumela kwi-Top 8 kodwa lokhu kulele ekutheni aqoqe amaphuzu agcwele emdlalweni koweligi azowudlala neSekhukhune United namuhla ngo-7.30 ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngokwabaxhumene noSuthu, bekumele luyilobole iLamontville Golden Arrows olucazelane nanyo ngamaphuzu ngempelasonto edlule khona eThekwini.
“Okusobala wukuthi imidlalo kufanele siyinike inhlonipho elinganayo neyifanele ngayodwana uma sizimisele ngokufeza izifiso zethu,” kusho uVilakazi.
“Eqinisweni kufanele ngabe sikhuluma nje sesivele sikwi-Top 8 uma uzobheka indlela esidlale ngayo namathuba esiwayeke emdlalweni ne-Arrows. Imidlalo yabakhaya inokwayo ngakho-ke kugcine kuba iphuzu esikhundleni samathathu. Okufanele sikwenze manje ukuqala ukunombela. ISekhukhune isinika elinye ithuba lokwenza lokho. Uma siwina kuyona sizozithola sikwi-Top 8 ngakho-ke umqoka njengayo yonke lo mdlalo esiwulungiselelayo.
“Angikhali ngokuthi imidlalo ithothene ngoba lokhu kwenzeka kuwona wonke amaqembu. Okwethu wukuqinisekisa ukuthi sibophela isikimu esibunjwe ngabadlali abaqatha ngaso sonke isikhathi.
“Ukudlala kathathu ezinsukwini eziyisikhombisa kuyithuba lokuqoqa amaphuzu amaningi ngesikhathi esincane. Kwezenkile okwenzekile kodlule kodwa wonke amandla esinawo manje siwafake kwekufanele sikwenze kwiSekhukhune,” kuqhuba lo mqeqeshi.
NgokukaVilakazi, AmaZulu aphupha ngokuqeda endaweni yesithathu kule sizini okuhamba nentshontsho lokumela iPremier Soccer League (PSL) kwiCaf Confederation Cup.
“Sibheke amaphuzu agcwele emidlalweni yethu emibili elandelayo kuqala ngoweSekhukhune ngoba uma siphumelela ukwenza lokho sizozithola sidlalela ezindaweni ebesivele siphupha ngazo.
“Kusemqoka ukuqeda endaweni ehloniphekile kwazise mina no-Arthur (Zwane) sifike iqembu lisemsileni. Kuya ngokuya kuyahlangana kodwa kudingeka isineke.
“Sinenhlanhla yokuthi nabadlali bavele bayamukela ngazo zombili yonke into esibatshela yona yingakho sikholelwa ekutheni sizoqeda isizini endaweni ehloniphekile.
“Uma siphumelela ukungena kwi-Top 8 ngale midlalo emibili elandelayo sizobe sesibheka ephusheni lethu elilandelayo lokuqeda sibalwa namane kumbe amathathu okuqala ekupheleni kwesizini,” kuthembisa uVilakazi.