XOLILE MPISANE
UKUHLAZIYA izitha kabanzi nokulandela amaqhinga abo enkundleni yikona okwenze i-Orlando Pirates yazicoshela amaphuzu amathathu kwi-JS Saoura, ngokusho kukakaputeni wayo uHappy Jele.
AmaBhakaniya anqobe leli qembu lase-Algeria ngo 2-0 koweCaf Confederation Cup obuse-Orlando Stadium ngeSonto ebusuku ukuze azibeke esicongweni ku-Group B.
Amanye amaqembu amabili akuleli qoqo, iRoyal Leopards yaseSwatini ne-Al-Ittihad yaseLibya, asazodlala imidlalo yawo yokuqala esigabeni samaqoqo ngempelasonto.
UJele ubeke iPirates phambili ingakapheli nemizuzu emihlanu evalela ibhola enethini esebhekene nepali ngemuva kokuthi unozinti ehlulekile ukubamba ebelithunyelwe nguGoodman Mosele.
Uthe babone ngesikhathi besalungiselela umdlalo ukuthi kukhona abangakuzuza uma behlasela ngama-freekick nangamakhona.
“Ngicabanga ukuthi silwile. Bekuwumdlalo onzima nezitha bezidlala kahle kodwa siwenzisisile umsebenzi wethu ngesikhathi sizihlaziya phakathi nesonto,” kusho uJele kwi-video efakwe yileli qembu emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana.
"Siwasebenzisile amathuba esiwatholile. Besazi ukuthi babuthaka kuma-free kick nakumakhona ngakho sikwazile ukushaya igoli ngethuba lokuqala esilitholile kwi-freekick.
"Esikwenzile ngesikhathi sizilolonga yikona esiphinde sakwenza emdlalweni."
Unozinti wePirates uSiyabonga Mpontshane kudingeke ukuthi avimbe amabhola ayingozi ngesiwombe sokuqala kanti izivakashi ziqhubekile nokuhlasela ngasekuqaleni kwesesibili ngaphambi kokuthi uBandile Shandu ashayele ezakhe igoli lesibili.
UJele ukholelwa ekutheni leli goli yilona elenze kwaba lula ukuthi bawulawule umdlalo uze uyophela.
“Silwe kwaze kwayiwa ekhefini futhi sazitshela ukuthi kumele sithole elinye igoli ngesiwombe sesibili ukuze sikwazi ukudlala ibhola lethu elijwayelekile,” kuqhuba uJele.
"Yilokho esikwenzile. U[Bandile] Shandu ushaye igoli lesibili futhi kuyasijabulisa lokho. Yilokho okwenze sawuphatha umdlalo kwaze kwaba sekugcineni."
Ezimnyama sezinqobe imidlalo emine ilandelana emiqhudelwaneni eyahlukene kanti zizobe zibheke ukuqhubeka nemiphumela yazo emihle uma sezidudulana neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership kusasa e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Njengamanje zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-19.
Umdlalo wazo olandelayo weCaf Confederation Cup zizowudlala ne-Al Ittihad eLibya ngeSonto ngo-6 ntambama.