UKUNGAYIQALI yonke imidlalo ye-Orlando Pirates kuka-Innocent Maela, ongukaputeni waleli qembu, akuyona inkinga ngoba iBucs iyazihlinzeka izinhlaka ezifanele ukuba aqhubeke nokwenza umsebezi olindeleke kuyena.
Lokhu kushiwo owayewukaputeni wakudala wePirates, uHappy “MaGents” Jele, obenengxoxo ngokuningi nabezindaba ngoLwesibili, eThekwini.
Kusukela kuqale isizini ka-2024/2025, uMaela usabonakale enkundleni emidlalweni emithathu yeBetway Premiership, owodwa weCaf Champions League nemine yeMTN 8.
Nangesizini edlule, uMaela ubesuka ebhentshini azoqukula izinkomishi njengoba leli qembu seliphenduke elinye lawolayo eNingizimu Afrika.
Njengamanje iPirates iholwa uNkosinathi Sibisi, njengokaputeni kulandela ukuthinteka ko-Olisah Ndah noThapelo Xoki, okuyibona ababambisene noMaela ekuholeni iBucs.
UJele naye owahamba kwiPirates selimeqa ekhona yize wayengukaputeni, uthe akukho lapho kulotshwe khona phansi ukuthi ukaputeni kufanele ayiqale yonke imidlalo.
“Engingakutshela khona ngaphandle kokuhloniza ngoMaela, ukuthi ungumholi ophekwe ngaphakathi kwiBucs ngakho-ke ngiyazi ukuthi ayikho inkinga ngokungadlali kwakhe masonto onke,” kusho uJele.
“Ubukaputeni akulona ibhande kumbe ukuba senkundleni ngaso sonke isikhathi kepha kulele ekubeni umholi ongakhulumi kaningi, abadlali bathobele umthetho.
“Noma ngabe uMaela usenkundleni kumbe ebhentshini ngiyazi ukuthi ungumholi wePirates futhi okwenza ngikhulume ngale ndlela ukuthi siphekwe ebhodweni elifanayo.
“Uma kwenzekile waba kubadlali abanikwa amandla negunya lokuhola iBucs kufanele ubonge unconcoze ngoba lokhu akwehleli noma ubani.
“Ukube indlela uMaela ahola ngayo iqembu iyaphazamisa kumbe kukhona inkinga ngakho ngabe sewaphucwa ibhande,” kulandisa yena.
UJele ujabule ngendlela iPirates eqale ngayo kule sizini.
“Kuhlale kukhalwa ngokuthi iPirates iqala ngegiya eliphansi kodwa kulokhu ishintshile. Lokhu kuzosiza nabadlali ukuthi basebenze nakakhulu ukuqinisekisa ukuthi iqembu alisuki lapho elikhona ngoba ukubalwa naphezulu kuyisikhuthazi kukodwa.
“Okunye okumnandi ukuqala kahle kwiCaf Champions League ngoba ngiyazi ukuthi abaphathi baphupha kangakanani ngenkanyezi yesibili ejezini,” kusho uyena