UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, uveza okumenze akangapholisa maseko ukunika insephe engu-Onismor Bhasera ibhande likaputeni kwiSuperSport United emuva kokuhamba kukaRonwen Williams.
UBhasera (36) ungomunye wokaputeni abadala kule sizini abanamava futhi akakhombisi izimpawu zokukhathala kwazise usayigijima ayiqede yonke imidlalo.
UHunt uphoqeleke ukuliqala phansi iqembu ekhuza ibuya kwiSuperSport kule sizini.
Uhanjelwe ngabadlali abanamava kanjalo nokaputeni weqembu, uWilliams oseyisethenjwa kwiMamelodi Sundowns.
Uthe indlela azinikela ngayo nokuhlezi ehola iqembu njengesibani, yikho okumenze wamnika ibhande lobukaputeni umdlali waseZimbabwe, oseke waba semabhukwini eMaritzburg United, Kaizer Chiefs nePlymouth yase-England.
“Uhlezi ehola njengesibani midlalo yonke. Uyisosha langempela likanobhutshuzwayo. Uyakwazi futhi ukuziphatha ngendlela efanele. Kumfanele konke okuhle okumlandelayo kunobhutshuhzwayo,” kusho uHunt.
“Nangesizini edlule udlale kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi isimithathu iminyaka elapha. Ngimazi kahle kodwa ngoba eminyakeni, ngithi emine eyedlule, besinaye kwiWits.
“Bekungangabazisi ukuthi ngimenze ukaputeni emuva kokuhamba kukaRonwen (uWilliams ongunozinti ongukaputeni weBafana othengwe yiMamelodi Sundowns).”
UHunt uthi uBhasera ufuze ukuba yisibonelo kubadlali ngisho okungesibo abeSuperSport United.
“Eqinisweni ungufakazi wenkulumo engikhonze kabi ukuyisho kubadlali, ethi ‘uma uwenza ngokuthembeka kunobhutshuzwayo, nawo uzokubuyisela sekuzindodla,” kusho uHunt.
Ibhande uBhasera ulibolekana noThulani Hlatshwayo, okungomunye wabadlali abanamava obuholi kwazise unqobe iligi noHunt kwiWits waphinde wahola neqembu lesizwe.