NGEKE alinuke ibhande likakaputeni umdlali wasesiswini uKeagan Dolly ofakwe nezingane esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwiCosafa Cup.
UDolly, osesikwatini somqeqeshi uStuart Baxter esiya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo, ufakwe kweseCosafa esizoholwa nguDavid Notoane opheka iqembu lesizwe lika-Under 23.
Empeleni iqembu lika-Under 23 elisemkhankasweni wokuzibekisela indawo kuma-Olympics, yilona elinikwe ithuba lokumela iBafana kwiCosafa.
UDolly oyibamba kwiMontpellier yaseFrance nonozinti weMamelodi Sundowns uReyaad Pieterse, yibona abadlali okwengezwe ngabo ukuze balungele i-Afcon kwazise kade bengadlali emaqenjini abo.
UDolly kade elimele kanti uPieterse kuzogadwa ngaye ingozi konozinti abaqokelwe kwi-Afcon. UDolly ubengukaputeni ka-Under 23 kuma-Olympics ngo-2015 lapho elakuleli belengeze khona ngo-Itumeleng Khune.
UNotoane uthe nakuba enamava uDolly futhi nabadlali beqembu lakhe kukuningi abanga-kufunda kuyena kodwa ngeke amenze ukaputeni. Isikwati seCosafa sizoholwa nguTercious Malepe weChippa United.
“UDolly kuyiqiniso ukuthi uzoletha amava futhi uzogqugquzela abadlali abasebancane kodwa nathi silungiselela umdlalo wokuhlunga ngoSepthemba.
“Angiboni ukuthi kufanele siyiphazamise indaba kakaputeni. Lokhu kuzoba yisivivinyo kukaputeni wethu ukuthi uzokwazi yini ukukhombisa izimpawu zobuholi kubadlali abafana noReyaad noDolly. Laba bafana sibakhulisela ukuthi babe ngokaputeni beBafana Bafana bakusasa,” kusho uNotoane.
IBafana izovula neBotswana kuma-quarterfinal ngoJuni 2 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UNotoane uthe ngaphandle kokuthi bazosebenzela ukwenza kahle kwiCosafa kodwa leli yithuba labadlali lokukhombisa uBaxter ukuthi kubafanele ukungena esikwatini se-Afcon.
UBaxter uzoqokwa abadlali abane azoya nabo e-Egypt ngenhloso yokuthi beyofunda.
UNotoane uthe bazombona uma beziqeqesha nasenkundleni ukuthi uDolly udinga isikhathi esingakanani enkundleni.
“Imibiko ephuma eqenjini lakhe ithi ikhona imidlalo ayiqalile, kweminye ubeqala ebhentshini.
“Ngakho sizobheka uma siziqeqesha ukuthi sizomnika isikhathi esingakanani ensimini. Kufanele siqaphele ukuthi singa-mdlalisi kakhulu ngoba mhlampe ngokomzi-mba wakhe akakaku-lungeli lokho.”