IPHINI lomqeqeshi weqembu lesizwe laseQatar, uRoger De Sa, weluleka izakhamuzi zakuleli ukuthi zingamthathi kabi uHugo Broos ocija iBafana Bafana, kepha azimbone njengomuntu okungafundwa lukhulu kuye mayelana ngebhola lomhlaba.
Selokhu uBroos odabuka eBelgium, aqokwa kwesokucija iBafana ngoMeyi, wango-2021, kunemibono eyahlukene ngayo, ikakhulukazi ngendlela akhuluma ngayo ezithangamini zabezindaba, okuvame ukuthi angayifihli indlela abona ngayo izinto.
Le ngwevu seyizakhele igama ngokungashoni eceleni, into iyisho njengoba injalo. Kayinqeni ukuphuma iqhubu nomdlali othile, ikusho ingananazi ukuthi udliselile noma akakulungele ukudlalela iqembu lesizwe.
Ezinyangeni ezedlule, isanda kuqubula inkulumo mpikiswano ilibeka ngembaba elokuthi akekho umdlali weKaizer Chiefs ofanele ukudlala kwiBafana. Ikusho inganqeni nokuthi izinga lebhola lakuleli liphansi, kusamele kusetshenzwe kanzima. Ukukhuluma kukaBroos kukhona abakuthatha ngokuthi uyahlambalaza, akunanhlonipho. Abanye bamthandela khona ukungagwegwesi.
Wuye lo mqeqeshi okwaze ukufaka iBafana, kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ngonyaka ozayo, e-Ivory Coast.
Kubhekwe nokuthi asize elakuleli ukungena eNdebeni yoMhlaba ezoba ngo-2026, eCanada, Mexico nase-USA.
INingizimu Afrika yagcina ngo-2002, ukuhlungela imidlalo yomhlaba ngempumelelo kuyiwa eSouth Korea naseJapan. Yangena kweyango-2010, ngoba kwakuyiyo eyayisingethe le midlalo.
UDe Sa oseke wacija amaqembu afana ne-Orlando Pirates, Wits University, wayengumqeqeshi wonozinti kwiBafana eyathola ithikithi eliya eSouth Korea naseJapan.
Ukaputeni womkhumbi kwakunguCarlos Queiroz wasePortugal, asegudle amazwe naye. Bebendawonye beqeqesha iqembu lesizwe i-Egypt elihluleke ekugcineni ukuya kweyoMhlaba nyakenye. Laba bobabili bebekhona eNdebeni yoMhlaba eQatar, bepheka i-Iran.
Nokho baxoshwa yiBafana ingakayi kweyoMhlaba ngo-2002, izintambo zanikezwa uJomo Sono.
UDe Sa owaklonyeliswa ngendondo yePSL Coach of the Season kwisizini ka-2002/03 esacija Wits, utshele Isolezwe eseQatar, ukuthi elakuleli kumele likujabulele ukuba nomqeqeshi ofana noBroos, oyaziyo into ayenzayo.
Mayelana nendlela akhuluma ngayo kwabezindaba, uDe Sa uthe abantu bakuleli kuhlanganisa nabaqeqeshi nabanikazi bamaqembu, kumele bayeke ukuba ntekenteke.
"Ebholeni lomhlaba akuncengwana, isipeti siyisipeti. Iqiniso liwumgogodla wempumelelo. Nakuba ngingakaze ngizilalele zonke izinkulumo zikaBroos kodwa uhlale ekhuluma iqiniso elimakhayo umuntu.
“Sengihambe amazwe amaningi, ngakhuluma nabantu abehlukene, uyahlonishwa uBroos. Uwumqeqeshi wezinga eliphezulu. Akubanga iphutha ukunqobisa kwakhe iCameroon, i-Afcon ngo-2017," kubeka uDe Sa.
Uqhube wathi: "Esikhundleni sokugxeka uBroos, abaqeqeshi baseNingizimu Afrika kumele bancike kuye, bangafunda lukhulu. Ngisho nezakhamuzi zingancela ulwazi olunzulu. Ngaphandle kokuthi uwumqeqeshi kodwa uphinde abe indonda yomuzi esikhulile futhi eqotho nenamava empilo.“
Ngaphansi kukaBroos, uDe Sa uthe uyibona iBafana izokwenza kahle kwi-Afcon. Uqhube wathi ibanga ezolihamba kulo mqhudelwano yilo elizocacisa ukuthi izokwazi noma cha ukuya kweyoMhlaba ngo-2026.
"Akuyona into enhle ukuthi kwagcina ngathi ngo-2002 ukungena eNdebeni yoMhlaba. Ngimbona uBroos eza kahle. Nakwi-Afcon ngonyaka ozayo ngibona iBafana izokwenza kahle. Selokhu kufike lo mqeqeshi iqembu lesizwe lidlala into ehlelekile," kuqhuba uDe Sa.
Emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, iBafana ivule ngewini, ishaya iBenin ngo 2-1. Nokho kulandele induku isihlulwa ngo 2-0 yiRwanda ngoLwesibili. Ibambe indawo yesibili ngamaphuzu amathathu njengoba iRwanda inamaphuzu amane. Amanye amaqembu akuleli qoqo, iNigeria, Lesotho neZimbabwe.
Imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, izosongwa ngo-2025.