UMQEQESHI omusha weMagesi FC, u-Owen Da Gama, ukholwa wukuthi unesikhathi esanele sokukhipha leli qembu obishini elizifake kulona kwiBetway Premiership.
Lolu qweqwe lomqeqeshi lethulwe ngokumthethweni izolo, lithatha izintambo kuPapi Zothwane ozibambe okwesikhashana kulandela ukushiya kukaClinton Larsen.
UDa Gama (63) waqeqesha emaqenjini okukhona kuwona iDynamos, Silver Stars, Orlando Pirates, Free State Stars, Bloemfontein Celtic, Platinum Stars, Highlands Park, TS Galaxy neSekhukhune United.
Wahola neqembu lesizwe lika-Under-23 ngo-2014 kuya ku-2016, neBafana Bafana kusukela ngo-2016 kuya ku-2017.
Kule sizini ubeqeqesha iqembu laseLimpopo eligijima kwi-ABC Motsepe League, iVondwe XI Bullets, alishiye liqhwakele kwi-log ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.
“Ngilibukile iqembu lidlala phambilini. Ngicabanga ukuthi belidlala kahle kodwa kunqabe imiphumela. Ngicabanga ukuthi sekusele kancane izinto ziphinde zilunge ngoba baningi abadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uDa Gama.
Ngicabanga ukuthi umqeqeshi obekhona uClint (Larsen) wenze umsebenzi omuhle ebambisene noPapi noJackie (Ledwaba). Angizele ukuzoshintsha yonke into kodwa ngizoqinisa lapha nalaphaya ngiphinde ngibuyise ukuzethemba kubadlali.
“Ngiyaziqhenya ngokuzuzwe yileli qembu kulesi sikhathi esincane lisesigabeni esiphezulu futhi nginethemba lokuthi kuningi esingasebenzela phezu kwakho njengoba sibheke phambili.”
IMagesi isemsileni we-log yePremiership ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni engu-10. Isele ngamaphuzu amabili emaqenjini ahlezi endaweni ka-14 neka-15, okuyiRoyal AM neRichards Bay FC.
Umdlalo wokuqala kaDa Gama kuzoba ngoweligi abazowudlala neGalaxy eMbombela Stadium ngoMgqibelo.
“Ngizobe ngisekhona ekupheleni kwesizini bese siphinde siyaxoxa neqembu. Okusemqoka njengamanje wukuthi sisuke kule ndawo esikuyona. Asiyiphathi nokuyiphatha eyokugawulwa yizembe. Sibheke ukuthola imiphumela ezoshintsha isimo,” uqhube kanje uDa Gama.
Lo mqeqeshi uphinde waqinisekisa ukuthi uzoqhubeka nokubambisana nabaqeqeshi abebesebenza ngaphansi kukaLarsen ukuze bezomcobelela ngolwazi, angaqali phansi konke maphakathi nesizini.