UKUTHOTHANA kwemidlalo ebholeni lesimanje kusho ukuthi sesadlula isikhathi sokuthi abalandeli baklolodelane isonto lonke uma kukade kudlalwa umdlalo omkhulu njengowabakhaya baseSoweto.
Nakuba abalandeli be-Orlando Pirates bephume eFNB Stadium bebhiyoza ngoMgqibelo ntambama kulandela ukuthi iqembu liguqise izimbangi ezinkulu, iKaizer Chiefs ngo 1-0 kodwa izingxoxo sezishintshile kwabhekwa imidlalo ezayo.
EZimnyama zizotholana neSekhukhune United komunye weBetway Premiership ozoba se-Old Peter Mokaba Stadium ngo-7.30 kusihlwa lapho kuzobe kubhekwe khona ukuthi zizokwazi yini ukuqhubeka nomgqigqo.
Uma zingahluleka ukubuya namaphuzu agcwele kulo mdlalo, zingasheshe zehle izihlathi kubalandeli ekubeni zisabhekwe ngomunye umdlalo obucayi neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.
EzikaMagebhula zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-12. Zisele ngamaphuzu ayisithupha kwiSundowns esidlale imidlalo engu-13.
Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthe kusemqoka ukuthi baqhubeke nokuqoqa amaphuzu uma befuna ukulwela isicoco seligi, kwazise iSundowns iyakwazi ukunqoba imidlalo eminingi ilandelana, igcine isihamba phambili kakhulu.
Ngesizini edlule amaBrazilian adle isicoco seligi ngamaphuzu angu-73, iPirates yalala isibili ngangu-40.
“Uma sifuna ukuzibiza ngeqembu elilwela iligi yakuleli siyazi ukuthi sidinga amaphuzu angaphezu kwangu-70. Mangaki amaphuzu iSundowns ewathole ngesizini edlule? Angu-72 noma 73,” kusho uRiveiro.
"Amaphuzu esiwatholile abalulekile futhi aletha eminye imizwa emihle njengokuzethemba nomfutho. Siya ePolokwane ngoLwesithathu futhi siyolwela amaphuzu alinganayo.”
URiveiro, olengelwa yisigwebo samakhadi, kufanele anqume ngabadlali abathathu abamqoka abanamakhadi aphuzi amathathu emunye okungenzeka baphuthelwe ngoweSundowns ngempelasonto uma bephuma nalo koweSekhukhune. Labo badlali nguKabelo Dlamini, Thabiso Sesane nonozinti, uSipho Chaine.
ISekhukhune isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-14 kulandela ukubambana ngo 1-1 neStellenbosch FC ngoMgqibelo.
EZimnyama neBabina Noko bazobe beqala ukuhlangana kule sizini ngenxa yokuthi umdlalo weligi okwakumele bawudlalele e-Orlando Stadium ngiDisemba wahlehliswa yiPremier Soccer League (PSL).
Ngesizini edlule iPirates inqobe ngo 1-0 e-Orlando, iSekhukhune yadlula ngo 2-1 ePolokwane.