LUNGILE MAJOKA
USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, uzovela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL), kulandela ukubekwa icala lokudicilela phansi isithunzi sale nhlangano.
Lokhu kuvezwe umshushisi wePSL, uZola Majavu, ngoLwesibili ekuseni, ethimbeni labezindaba lale nhlangano.
“UMnz John Comitis uzovela phambi kwekomiti ngoLwesihlanu ngo-Ephreli 29, ezophendula ngezinsolo zokudicilela phansi isithunzi seligi ngemuva kokuba kuqinisekisiwe ukuba kuyiqiniso ukuthi amazwi akhe lawo ayecashunwe kwabezindaba,” kusho uMajavu.
Kulezi zinsuku uComitis nePSL babhekene ngeziqu zamehlo njengoba kuthiwa kumele iqembu lakhe libuyele ensimini liyodlala neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership.
Lo mdlalo kwakumele ube ngoDisemba nyakenye, eFNB Stadium, kodwa iChiefs yakhetha ukungalibhadi izeseka ngokuthi kuhlasele iCovid-19 ekhempini yayo. Udaba luhambe lwaze lwafika kumehluleli ozimele, onqume ukuthi imidlalo ayibuyele ensimini. Nokho iPSL isiphikisile lesi sinqumo njengoba udaba sekumele lungene eNkantolo eNkulu yaseGoli.
Okhulumela iCity, uJulian Bailey, utshele Isolezwe ukuthi iqembu alizimisele ukuyodlala neChiefs emdlalweni okumele ube ngo-Ephreli 30, njengoba udaba selusenkantolo. Lokhu ukusho ngemuva kokuthi iPSL ikhiphe umyalelo wokuthi lo mdlalo awudlalwe. Omunye othintekayo ophakathi kweChiefs neLamontville Golden Arrows osuzoba ngoLwesithathu (Ephreli 27) ePrincess Magogo Stadium.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi icala leChiefs neligi lokubuyekezwa kwesinqumo sikamahluleli liyangena eNkantolo eNkulu yaseGoli, ngoMeyi 10, 2022. Uma sesithathiwe isinqumo senkantolo ngalolu daba, ngizophinde nginazise njengoba kungenzeka sibe nomthelela ecaleni (elisamile) elithinta imidlalo emibili iChiefs engazange iye kuyona oweLamontville Golden Arrows noweCity. Lawo macala asamile kuze kube kuphuma umphumela wasenkantolo,” kusho uMajavu.
Elinye icala elithinta iChiefs lokubophela abadlali ababili beDStv Diski Challenge lona kuthiwe lihlehliselwe uMeyi 13. Kuthiwe ngalolu suku kumele udaba luphele kusale isigwebo kuphela njengoba isizini isaya ngasekupheleni.
Icala elibekwe iChiefs ngelokuthi yayingafanele ukudlalisa laba badlali ibhekene neSekhukhune United koweDStv Premiership njengoba bangabhalisiwe ukudlala kwiligi enkulu. Nakho lokhu kwenzeka ngesikhathi iChiefs izikhalela ngokuthi iqembu layo ligubezelwe yiCovid-19. Yayicele ukuthi iPSL iyihlehlise imidlalo yayo yangoDisemba kodwa le nhlangano yagcina isichithile leso sicelo.