USEYIYEKILE uJohn Comitis ongusihlalo weCape Town City, imizamo yokufuna ukusayinisa umgadli waseZimbabwe, uKhama Billiat ogcine ukubonakala kwiKaizer Chiefs.
Ngemuva kokuthi lo mgadli ehlukane neChiefs ekupheleni kwesizini edlule, lesi sikhulu sikuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi sisezithendeni zakhe.
Sikhuluma ekuqaleni kuka-Okthoba, saveza ukuthi sesiqalile izingxoxo zokuthi uBilliat ajoyine amaCitizens futhi zihamba kahle. UComitis wayekhuluma neSolezwe ngo-Okthoba 2, ethi ulindele ukuthi ngo-Okthoba 4 babe sebeqede konke.
UComitis wayezwakala ekujabulela ukugcina emsayinisile uBulliat njengoba aveza ukuthi vele nguyena owamletha kuleli emsayinisa kwi-Ajax Cape Town ngo-2010.
Ngemuva kwale nkulumo kucwebe iziziba ngodaba lwalo mgadli neCity.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekuqaleni kukaJulayi, iChiefs ikhiphe isitatimende eveze kuso ukuthi uBilliat unyamalele. Amakhosi aveza lokhu esekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini, ethi umdlali akatholakali njengoba abemubekele inkontileka entsha njengoba kokuphela kwabebenayo.
Ebuzwa uComitis ukuthi ihamba kanjani imizamo yokusayinisa lo mdlali, uveze ukuthi useyishiye phansi indaba yakhe. Uqhube wathi uphoxekile ngendlela izinto ezihambe ngayo.
"Asiyiyeke kanjalo indaba kaBilliat. Ziningi kakhulu izinto engimatasa ngazo ukuthi ngingalokhu ngijahana naye. Angikuveze ukuthi ngiphoxekile ngendlela lolu daba oluphethe ngayo. Kugcine sekunzima ukuxhumana naye noma abaphethe izindaba zakhe. Sigcine ekhonjwa ezindaweni eziningi. Ngike ngezwa nokuthi kuneqembu laseSaudi Arabia elifuna ukumsayinisa. Nakuba bengithanda ukuphinde ngisebenze naye kodwa ngeke ngichithe isikhathi sami ngokuthungatha yena. Konke sekulele kuyena ukuthi uyafuna noma cha ukusijoyina," kubeka uComitis.
Ngaphandle kokukhonjwa eSaudi Arabia, elinye iqembu okuke kwavela ukuthi liyamfuna yiYoung Africans yaseTanzania. Nakhona kugcine kuthule. Ezinyangeni ezedlule, kuke kwavela nokuthi ubonakale ejima noCole Alexander abebedlala naye kwiChiefs nomkhaya wakhe u-Evans Rusike.
Kwenzeke lokhu ngaphambi kokuthi u-Alexander ajoyine iHelsingborgs IF yaseSweden. Lesi sikhulu sithe bazoqhubeka nokuthungatha umgadli.
"Bekungaba kuhle ukuthola umgadli onjengoBilliat. Njengoba kusemnyama ngaye kumele siqhubeke nokubheka omunye ozosisiza kwinkinga yamagoli. Kuningi esifuna ukukuzuza ekupheleni kwesizini,“ kuphetha uComitis.
UBilliat uzakhele udumo esejoyine iMamelodi Sundowns ngo-2018. Ubeshisa engabaselwe ebambisene noLeonardo Castro waseColombia noKeagan Dolly naye osedlala kuMaKhosi. Baze bathiwa igama elithi CBD.
Uhambe kumaBrazilians eseshaye amagoli awu-48 emidlalweni ewu-144. AmaKhosi uwashiye eshaye awu-24 kwewu-126.