UNOZINTI weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze, nomqeqeshi wakhe, u-Owen Da Gama, bahlabane nemiklomelo kwiBetway Premiership ngenxa yemiphumela emihle etholwe yileli qembu ngenyanga edlule.
UChipezeze uthole indondo yePlayer of the Month njengoba engangenelwanga magoli emidlalweni emine kwemihlanu yeligi edlalwe yiDikwena tsa Meetse ngenyanga edlule, waqinisekisa ukuthi iyayinqoba yomine ngo 1-0. Igoli elilodwa elidlule kuyena langena ngesikhathi beguqiswa yiKaizer Chiefs ngo 1-0.
Indondo yeCoach of the Month inikezwe u-Owen Da Gama ngenxa yale midlalo emine lapho bequmbe phansi khona iSuperSport United, Richards Bay FC, Lamontville Golden Arrows neStellenbosch FC.
Le miphumela isuse leli qembu endaweni eyingozi kwi-log yeBetway Premiership, yalibeka endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-24.
Umklomelo wegoli elivelele ngenyanga kaMashi, iGoal of the Month, uthathwe yisithoba seChippa United, u-Azola Ntsabo, owashaya ingcwenga ye-freekick bebhekene nePolokwane City ngoMashi 15.