NAKUBA umqeqeshi waMaZulu, uPablo “Cijimpi” Martin, eyincoma indlela abafana bakhe abadlala ngayo kodwa kufanele ukuthi akumphethe kahle ukuthi abakanqobi nomdlalo owodwa kulo nyaka kwiDStv Premiership.
Nangempelasonto, Usuthu luphinde lwahluleka ukuqoqa amaphuzu amathathu, lubambana neSuperSport United ngo 1-1 ekuhambeni.
Kumele luzisole lona ngokucazelana amaphuzu nezikaGavin Hunt. Yilo olubone kuqala imbobo yepali ngegoli likaVictor Letsoalo ngomzuzu ka-18.
ISuperSport ize yashaya elokulinganisa sewuyophela umdlalo.
EzikaMartin odabuka eSpain, zagcina ukunqoba kwiligi ngoDisemba 29, zishaya omkhaya bazo, iRoyal AM ngo 3-0.
Kolandelile zishaywe iCape Town Spurs ngo 3-1 neMamelodi Sundowns enqobe ngo 3-1. Ngaphambi koweSuperSport ngempelasonto edlule, uSuthu belubambane neMoroka Swallows ngawo u 1-1.
Kulo nyaka lusanqobe koweLast 32 Nedbank Cup, lushaya iRoyal AM ngo 1-0.
Kulo nyaka selungenelwe amagoli ayisishiyagalombili. Lunamaphuzu awu-24, emidlalweni ewu-20. Lusanqobe emihlanu, lwadliwa kweyisithupha.
Ngemuva komdlalo weSuperSport, uMartin uncome abafana bakhe ngokudlala kahle nakuba kunezingqinamba.
"Baningi abadlali bethu abangekho ngenxa yokulimala. Ngaphandle kukaLetsoalo, abanye obese kuphele isikhathi eside bagcina ukudlala uVeli Mothwa noThembela Sikhakhane. KoweSuperSport sidlale kahle kakhulu. Besibhekene neqembu elinzima kwiligi. Nokho sikwazile ukulawula umdlalo. Sishaye igoli elihle. Kubuhlungu nokho ukuthi sidedele amaphuzu aphelele sewuyophela umdlalo. Nokho abadlali bami balwe umdlalo uqala waze wayophela. Sizoqhubeka nokusebenza kanzima. Okuhle ukuthi sinohlelo esisebenzela phezu kwalo. Sizoqhubeka nalo," kubeka uMartin.
Lo mqeqeshi uthe bawubheke ngabomvu umdlalo olandelayo weLast 16. NgoLwesine, ezakhe zizobhekana neSekhukhune United ngo-7 ebusuku, Peter Mokaba Stadium.
ISekhukhune izoya kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba ngempelasonto edlule ibhaxabule iSwallows ngo-4-1. KwiLast 32 idlule kwiHighlands Park.