ULEBOHANG “Cheeseboy” Mokoena, ongomunye wabadlali abafika esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika besebancane, uhlabe ikhwelo ngokungenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates uyafinyelela esicongweni esimfanele.
UMokoena ubevakashele Isolezwe njengoba eseThekwini ukuzokhuphula isasasa ngemidlalo yabakhaya baseKZN yeBetway Premiership ezokuba kulesi sifundazwe ngempelasonto ngesikhathi esho lokhu.
AmaZulu FC azokwamukela iRoyal AM kusasa ebusuku. NgoMgqibelo iLamontville Golden Arrows izovakashelwa iRichards Bay FC.
Ngokubona kukaMokoena, naye owafika emncane kwiPirates, ukhiye wokuqinisekisa ukuthi uMofokeng ugcina eyilokhu bonke abantu abamfisela khona ukuthi sivele simthathe njengomthwalo wethu.
Kusukela efikile esigabeni esikhulu esena-17 kumasizini amabili adlule, uMofokeng usephenduke undabizekwayo ngendlela adlala ngayo kwiPirates nakwiBafana Bafana.
Okunye okumakhela udumo lo mdlali oseneminyanga engu-20 wukuthi unogazi ngale ndlela yokuthi uthandwa ngisho nayizimbangi zePirates okuyinto engajwayelekile ebholeni laseMzansi.
“Iqiniso elingenakuphikiswa ukuthi uMofokeng angaba ngomunye wabadlali okuyohlale kukhulunywa ngabo ebholeni laseNingizimu Afrika iminyaka eminingi ezayo njengoJomo (Sono),” kusho uMokoena odlale nakwiMamelodi Sundowns, Moroka Swallows nakwiBafana.
“Kufanele kube wumsebenzi wethu sonke ukumgada simeluse siphinde simkhombise uma enza into esaziyo ukuthi ayilindelekile kumdlali webhola elikhokhelayo.
“Yize ngingeke ngibasho ngamagama kodwa eminyakeni edlule eMzansi baningi abadlali okwakubhekwe lukhulu kubona kodwa kwagcina kushabalele ngenxa yokutuswa kakhulu okuholele ekuvuvukalelweni ngamakhanda.
“Abezindaba kujwayele ukuba yibona abadumisa amakhanda abadlali uma benconywa. Enye inkinga ukuthi sekukhona nezinkundla zokuxhumana lapho abantu sebevele bamumatanise nezinkunzi zomhlaba umfana omncane naye akukholwe lokhu kumsanganise.
“Njengoba sonke sikhuluma ngaye kahle kufanele kube umsebenzi wethu sonke futhi ukungamvumeli ukuthi anhlanhlathe
“Wonke umuntu unabangani futhi wonke umuntu kufanele azijabulise kodwa abadlali bebhola elikhokhelayo kukhona lapho bengangeni khona.
“Esikhundleni sokufuna ukuthatha izithombe ukuze kubonakale ukuthi kade sisebumnandini noMofokeng kufanele simlwise uma sibona sengathi sesidlulile isikhathi sokuthi umdlali webhola elikhokhelayo angabi sendlini.
“Simelwe ukumvikela sonke uMofokeng ngoba konke lokhu okwenzeka kuyena kungasanganisa ngisho indoda endala,” kusho uMokoena.