KUYAMJABULISA umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukuthi uzobhekana neMorocco ngoJuni, sebekhululekile ngemuva kokuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezobanjelwa e-Ivory Coast, ngonyaka ozayo.
IBafana ekuGroup K neMorocco, izibekisele indawo kulo mqhudelwano ngokubuya namaphuzu amathathu kwiLiberia emdlalweni obuseMonrovia, ngoLwesibili ebusuku, ewunqobe ngo-2-1. Amagoli aweze iNingizimu Afrika, avalelwe phakathi, uZakhele Lepasa noMihlali Mayambela.
Elakuleli ne-Atlas Lions, bazobhekana kowokugcina wokuhlunga ngoJuni, kanti womabili amazwe asezibekisele indawo e-Ivory Coast. I-Atlas Lions egile izimanga nyakenye, ifika kweyandulela eyamanqamu koweNdebe yoMhlaba ebiseQatar, ihlule iBafana (kowokuqala) neLiberia, nokuyenza iqhwakele eqoqweni.
UBroos ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) ngemuva komdlalo, uthe uzizwa ephelelwa amazwi ngendlela ajabule ngayo.
IBafana ibiye kulo mdlalo ngemuva kowokuqala ebanjelwe kuwona ekhaya yiLiberia ngo-2-2. Ngemuva kwawo, uBroos wayedinwe ngale ndlela yokuthi wagcina ephoqwa ukuyokhuluma nabezindaba. Wazithethela ngokuthi akukhulumeki ngenxa yokucasuka. IBafana ilahla amaphuzu nje, yayiwuphethe umdlalo.
Lo mqeqeshi waseBelgium, obehluke kakhulu kulokhu abeyikhona belahla amaphuzu eNingizimu Afrika, uzwakalise injabulo ngokubhekana neMorocco ingasekho ingcindezi kowokusonga iqoqo ngoJuni.
UBroos ubona lo mdlalo uzoba yithuba elikahle lokuhlola isimo seqembu lakhe ngeqembu lesizwe elisanda kunqoba kwiBrazil kanti koweNdebe yoMhlaba likhiphe iPortugal, endleleni yalo ebheke ekuqedeni endaweni yesine.
“Ngijabule kakhulu ukuthi sesiyibekisile indawo yethu kwi-Afcon ngoba ngizwile ukuthi bese kuqala izinkulumo ezithinta imiphumela nemidlalo yokugcina,” kusho uBroos sakugcona iLiberia okuyiyona ngaphambi komdlalo ebikhuluma indaba yokuthi nokudlala ngokulingana neBafana, kusavuna yona.
“Yize kuwumdlalo wokuhlunga phakathi kwethu neMorocco kodwa ngiwubona njengowobungani esizovuna okuningi kuwona,” kuqhuba uBroos ethimbeni leSafa labezindaba.
“Sizoqinisekisa ukuthi iBafana siyihlela ngendlela ukuze kufike lo mdlalo wangoJuni, isesimeni esidingekayo.
“Awumqoka kangako umphumela kodwa ngibona ingqayizivele yethuba lokucija iBafana ngezwe eligile izimanga koweNdebe yoMhlaba ukuze kufike uJanuwari wonyaka ozayo, sesikulungele ngokwanele ukuqala i-Afcon.”
Yize ekhalile ngezinqumo zonondweba baseGhana kodwa uBroos uzishaya isifuba ngokubophela isikimu sabadlali abakwaziyo ukudlala umdlalo wezikhwepha.
“Isikimu sishintshe ngoba sibonile kowokuqala ukuthi iLiberia isebenzisa amandla kuphela yingakho senze izinguquko ezinhlanu. Ngijabule impela kodwa aziwufanele unobhutshuzwayo izinqumo engizibone kulo mdlalo,” kuphetha uBroos.