INKUNDLA enotshani okungebona obendalo iyona kuphela inkinga engamniki ukuthula umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngaphambi koka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) neCongo-Brazzaville namuhla ngo-6 ntambama, eStade Alphonse Massemba-Debat.
IBafana iya kulo mdlalo ikuqonda ukuthi idinga amaphuzu amathathu ukuzibekisela indawo kwi-Afcon eseMorocco ngoDisemba wonyaka ozayo.
Nakuba idlale leli okuthiwa linenkosi phakathi ngesikhathi inqoba ngo 5-0 eqenjini lesizwe elifanayo ngoLwesihlanu olwedlule kodwa kukhona okuhlupha uBroos ngalo mdlalo.
“Okuyikona engikucabanga kunakho konke ukuthi kazi inkundla ikusiphi isimo njengoba sizogijima otshanini okungebona obendalo,” kusho uBroos kwabezindaba.
“Sinomlando omubi ngenkunndla enotshani bokufakelwa ngakho-ke ngikubheke ngabomvu ukubona isimo seyaseBrazzaville.
“Kusenzima ukudlulisa umphumela omubi esawuthola eRwanda ezinyangeni ezedlule kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba esasiwudlalela enkundleni namanje engisazibuza ukuthi i-Fifa yayiyivume kanjani.
“Akuyona inkinga ukuthi utshani akubona obangempela kodwa kuya ngokuthi abanikazi benkundla bayinakekela ngendlela efanele noma cha.
“ERwanda isimo senkundla sasiphoxa nangempela saba nenkinga yokudlala kodwa eSouth Sudan akubanga kubi kangako ngoba isimo sotshani besisezingeni elamukelekile,” kuqhuba uBroos.
Yize lo mqeqeshi ekhuluma kanje kodwa iBafana ijwayele ukuqala ngenothi eliphansi ngaso sonke isikhathi uma idlalela enkundleni enotshani okungebona obendalo.
“Kuyangikhulula ukwazi ukuthi nabadlali bakhona eCongo bazobe benenkinga efanayo kwazise cishe bonke badlala ngaphandle kwezwe.
“Engingakungabazi ukuthi bazosithwalisa bonke ubunzima ongabucabanga ngenxa yendlela esibahlule ngayo kowethu wasekhaya,” kusho uBroos.
IBafana idinga amanye amaphuzu agcwele namuhla ukuze isheshe izifake emaqenjini azoya eMorocco.