ABADLALI beBafana Bafana baxwayiswe ngumqeqeshi wabo, uHugo Broos, ngengozi yokubuswa wukutuswa abakuthola ngokujika inhlanhla yeqembu lesizwe.
UBroos obekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuqala ikhempu yeBafana, eGqeberha, uthe abadlali beBafana kumele bakunqonde ukuthi isithunzi sabo asisho ukuthi sebengamakhosi.
Kusukela uBroos ethathe umsebenzi wokupheka iBafana, leli qembu lesizwe seliphenduke elinye kwangathathwakancane kuleli zwekazi.
Lokhu kuphinde kwagcwaliseka ngesikhathi iBafana igila izimanga ngokuqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka.
Nakuba uBroos eneme ngokuningi eqenjini lakhe kodwa imidlalo emibili edlule ka-Group K yokuhlungela i-Afcon, abayidlale ne-Uganda, neSouth Sudan ngenyanga edlule imushiye engeneme.
Njengamanje iBafana izicijela ukubhekana neCongo-Brazzaville ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku, eNelson Mandela Bay Stadium. Lona womunye umdlalo wokuhlungela i-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo.
“Ngibheke amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili esizoyidlala neCongo-Brazzaville ukuze sizogwema ukuxhamazela kwemibili yokusonga iqoqo ngenyanga ezayo,” kusho uBroos.
IBafana inamaphuzu amane emidlalweni emibili. Idinga amaphuzu ayisithupha okuzibekisela indawo eMorocco ngonyaka ozayo. Izobuye idlale neCongo ekuhambeni ngo-Okthoba 15
UBroos ufuna iBafana ikwenze lokhu kule midlalo emibili ezoyidlala neCongo ukuze kuthi kufika owasekhaya neSouth Sudan, nowasekuhambeni ne-Uganda, ngenyanga ezayo babe sebewuqedile umsebenzi.
“Ngiyaqonda ukuthi ngeke kube lula ikakhulukazi kowasekuhambeni kodwa nginethemba lokuthi iBafana ingayinqoba le midlalo yomibili.
“Nginovalo nokho ngalokhu ngoba iBafana engiyibone emidlalweni emibili edlule angizange ngijabule neze ngayo.
“Ngiyazi ukuthi kulula kangakanani ukududwa ukunconywa ngakho-ke kusemqoka ukuthi abadlali beBafana bakhumbule ukuthi basadinga ukufaka umfutho emidlalweni.
“Ngifuna ukubona iBafana engiyijwayele kule midlalo emibili ezayo. Ngilindele ukubona iBafana elikhuphule kakhulu izinga uma ngiqhathanisa nemidlalo emibili edlule.
“Kuhle ukunconywa ngokubuya kwesithunzi seBafana e-Afrika kodwa kuyingozi ukukuthwala ekhanda lokho ngoba uphoxeka kungalindelekile njengoba kucishe kwenzeka kwi-Uganda, nakwiSouth Sudan,” kusho uBroos.
IBafana yabanjwa yi-Uganda ngo 2-2, yahlula iSouth Sudan ngo 3-2.