KUMTHOKOZISILE ukubona abadlali abasebancane, uRelebohile Mofokeng noJayden Adams, besiza iBafana Bafana ngesikhathi inqoba iLesotho ngo 2-0 emdlalweni omqoka wokuhlungela iNdebe yoMhlaba umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
UMofokeng (20) no-Adams (23) yibona abashaye amagoli anqobise iBafana lo mdlalo kaGroup C obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ebusuku. Bobabili bebeqala ukubhakuzisa inethi bedlalela iqembu lesizwe.
“Njengomqeqeshi kumele uthole isikhathi esifanele sokusebenzisa umdlali, ngicabanga ukuthi lo mdlalo ubukulungele ukuthi simqalise uRele. Udlale kahle kakhulu, nokuyinto ebesiyidinga. Uma ufaka umdlali osemncane eqenjini kumele ukholwe ukuthi angaphumelela. Ukuba uRele akadlalanga kahle bekuzothiwa sisheshile ukumqalisa imidlalo noma kuthiwe akakafiki ezingeni elifanele,” usho kanje uBroos.
“Ngicabanga ukuthi uJayden naye udlale kahle kakhulu. Lo mdlalo ubuyithuba elihle lokuthi sibasebenzise ngenxa yeqembu ebesidlala nalo. Besingeke sikwazi ukubaqalisa okokuqala sibhekene neNigeria noma iBenin, ngoba leyo imidlalo ihlukile.
“Uma abadlali abasebancane bedlala kanje futhi beshaya amagoli amqoka ngemuva kokunikwa ithuba lokuqala umdlalo, kufanele uhlabeke umxhwele njengomqeqeshi.”
IBafana iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emihlanu. IBenin, abazobhekana nayo e-Ivory Coast ngoLwesibili, isendaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
Womabili la maqembu azobe ebheke ukuwunqoba lo mdlalo ukuze ahlale esicongweni, agweme ukudlulwa yilawa angaphansi kwawo kwi-log.
IRwanda, enqotshwe yiNigeria ngo 2-0 ngoLwesihlanu, isisendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa. ISuper Eagles ikweyesine ngamaphuzu ayisithupha, ilandelwe yiLesotho ngamahlanu neZimbabwe ngamathathu.