LUQALE kabi usuku kubalandeli beNkatha Freedom Party abathole ingozi ngebhasi abebehamba ngalo kuR34 eLakeside ngaseFilidi ngeSonto ekuseni belibangise oLundi mcimbini weqembu.
Imibiko evela endaweni yesehlo ikhomba ukuthi leli bhasi lisuka eGauteng, bane abantu abalimele futhi sebephuthunyiswe esibhedlela.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo iKZN VIP uCraig Botha uthe abezimo eziphuthumayo banikeze usizo ngokushesha kubantu abalimele kabi bevaleleke ngaphansi kwebhasi, abanye abayisishiyagalombili bathole imihuzuko nabanye abangu-11 bathole imihuzukwana.
"Abezimo eziphuthumayo kanye nabezicishamlilo kanye ne-JBS Towing basebenze ngokuzikhandla bephakamisa ibhasi ngokuphepha ukuze bakhiphe abagibeli abalimele abebezivaleleke ngaphansi."