INSIMBI yeminyaka edlule ye-Orlando Pirates, uSiyabonga Sangweni, ikhulekela ukuthi udumo lungangeni ekhanda likaMbekezeli “TLB” Mbokazi agcine ekhohlwa nayisalukazi esimkhulisile asishiye emakhaya.
UMbokazi (19) waKwaNibela, eHluhluwe, usephenduke undabizekwayo ebholeni laseNingizimu Afrika kusukela ekhushulelwe esikimini esikhulu sikaJose Riveiro muva nje.
Emidlalweni yakhe emithathu yokuqala kwiBetway Premiership, uMbokazi useqokwe njengovelele kwemibili washaya negoli lakhe lokuqala esigabeni esikhulu.
Ugazi ikakhulukazi kubalandeli bePirates, uMbokazi ulukhuphule kowakamuva bebhekene neMamelodi Sundowns abawunqobe ngo 2-1 lapho evalele khona ekopini isilomo saleli qembu, uLucas Ribeiro, kwakuncane indawo.
Indlela lo mdlali okhuliswe ngugogo afike kwezwakala ngayo kwiPirates, abalandeli baleli qembu bathi ubakhumbuza uSangweni ngendlela azothe ngayo nangokuba namandla uma esenkundleni.
USangweni owadla i-MTN 8 neLamontville Golden Arrows ngo-2009 ngaphambi kokuwina izindebe ezihlukene nePirates, utshele Isolezwe ukuthi ngendlela adlala kahle ngayo uMbokazi umenza ahalele ukuwalanda ethala amakhokho, abuyele enkundleni.
“Igama likaMbekezeli (Mbokazi) ngalazi kudala futhi kwakusazothatha isikhathi ukuthi ngimbone edlala ngoba baningi abantu ababengitshela ngokudlondlobala kwakhe emazingeni aphansi,” kusho uSangweni.
“Ikhono uliphiwe, ngeke ngimdlele umona kodwa okwami wukumkhumbuza ubumqoka bokuzithoba. Kubalulekile ukuzithoba lapho ekhona, bese eqinisa kulokhu okumbeke kuleli zinga akulona.
“Akayibambe nje angazikhukhumezi, ahloniphe bese eqhela kubangani ababi. Kumqoka ukuthi asebenze ngokuzikhandla ngoba abaseGoli ngeke bakuthande ukuthi umfana wasemakhaya usephenduke undabizekwayo.
“Ukuzithoba nokukhumbula ngaso sonke isikhathi lapho ephuma khona yikhona okufanele aphile ngakho. Uma enzenjalo konke okuhle kuzomlandela. Ngikusho lokhu ngoba ubufakazi bakho yimina uqobo."
Nakuba uSangweni emchoma uphaphe lwegwalagwala uMbokazi kodwa kusekuningi lapho ebona kusafanele aqiniswe khona.
“Ikhono uliphiwe kodwa usemncane, ngakho-ke ngifisa basondele kakhulu kuyena oBhodlela (Nkosinathi Sibisi) noMandla (Ncikazi) ngoba babuya esifundazweni esifanayo naye.
“Usadinga ukugadwa ngaphandle nangaphakathi enkundleni, ngakho-ke ngikhulekela ukuthi uNcikazi aqinisekise ukuthi insila yaseGoli ayiqaqeli kumfana.
“Kulula ukukhohlwa yisalukazi esamkhulisa uma esebona ubukhazikhazi baseGoli uma bengekho abamkhalimayo.
“Ngiyamjabulela umfana kodwa kungaphatheka kabi kakhulu uma engadideka manje ngoba isalukazi sithembele kuyena ukuthi uzovusa ikhaya,” kusho uSangweni owaphinda wahlabana nePirates kwiTelkom Knockout, Nedbank Cup nesicoco seligi.