Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ubona elakuleli linethuba lokudlulela kweyomkhumulajezi kwi-Africa Cup of Nations yanonyaka, yize kungeke kube lula.
IBafana Bafana ifakwe ne-Egypt, Angola neZimbabwe kuGroup B ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobanga isicoco se-Afcon emcimbini obuseRabat ngoMsombuluko ebusuku.
Leli qembu eliphekwa nguHugo Broos, lizibekisele indawo kulo mqhudelwano ngokuqhwakela eqoqweni ebeline-Uganda, Congo neSouth Sudan. Linqobe imidlalo emine, ladlala ngokulingana kwemibili.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ubona iPharoahs, nayo enqobe emine yadlala ngokulingana kwemibili kweyokuhlunga, kuyilona qembu elizobanikeza ubunzima obukhulu.
“Uma ngibheka izimbangi zethu kwi-Afcon, ngicabanga ukuthi i-Egypt iyona ethwelwe ngeqoma ukuthi iqhwakele kuleli qoqo. Ayenzanga kahle kwi-Afcon edlule njengoba yasheshe yakhishwa kodwa ngokubona kwami ngonyaka odlule iphinde yahlanganisa elinye iqembu eliqinile. Yenze kahle kweyokuhlunga,” kusho uBroos.
I-Angola iphume phambili eqoqweni layo kweyokuhlunga ngokunqoba imidlalo emine, yadlala ngokulingana kwemibili. IZimbabwe iqede endaweni yesibili kweyalo iqoqo lapho inqobe khona emibili, yadlala ngokulingana kwemithathu, yakhala ngaphansi kanye.
“I-Angola yiqembu engingalazi kahle, ngakho-ke kuzofanele siyihlaziye kabanzi. Ukuze sikulungele ukubhekana nayo,” kusho uBroos.
“Sekungokwesine sifakwa eqoqweni elilodwa neZimbabwe. Sasinayo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba eyayiseQatar, kweyokuhlungela i-Afcon, kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, njengoba sizobhekana nayo kwi-Afcon. IZimbabwe ingomakhelwane futhi kuhlezi kunzima ukubhekana nayo.
“Akulona iqoqo elilula kodwa ngicabanga ukuthi sinethuba elihle lokungena emzuliswaneni olandelayo. Kwi-Afcon kungenzeka noma yini uma usudlule esigabeni samaqoqo. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi senze okuthe xaxa kunalokhu esakwenza kwi-Afcon edlule.”
I-Afcon yanonyaka izoqala ngoDisemba 21, isongwe ngo-Januwari 18 ngonyaka ozayo. IBafana, eqede endaweni yesithathu kulo mqhudelwano ngesikhathi ubanjelwe e-Ivory Coast nyakenye, izobe ibheke ukunqoba le ndebe okokuqala kusukela ngo-1996.