KUMGCULISILE ukubona abadlali abasebancane bekhombisa ukudlondlobala kwiCosafa Women’s Championship, obeqeqesha iqembu lakuleli kulo mqhudelwano, uMaud Khumalo.
Lo mqeqeshi unikwe izintambo eqenjini ebelibunjwe ngabadlali abasebancane ngenxa yokuthi elikaDesiree Ellis, beliyodlala emibili yobungani ne-Denmark ne-England.
IBanyana ifinyelele kowamanqamu eCosafa yanqotshwa yiZambia ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi e-Isaac Wolfson Stadium, eGqeberha, kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 0-0.
“Uma ubheka iZambia, bafike neqembu elinamava, ekubeni thina sigxile ekwakheni iqembu lakusasa ngalaba badlali abasebancane ukuze balungiselele imiqhudelwano efana ne-Wafcon. Ngijabule ngomsebenzi wabo ngoba yilapho siqala khona ukwakha,” kusho uKhumalo.
“Besivele sihlose ukubanika ithuba lokudlala kuleli zinga ukuze sibone ukuthi bazokwenzani bebhekene namaqembu aqinile akulesi sifunda. Siyethemba ukuthi konke abakufundile kuzoba wusizo ngomuso.”
Unozinti weBanyana, uJessica Williams, uqokwe njengonozinti ovelele kulo mqhudelwano, kwathi u-Isabella Ludwig waba ngumdlali ovelele.
Khonamanjalo, uzokhuza ibuya umqhudelwano weCosafa wabesifazane ka-Under-20 ngemuva kweminyaka emine ungadlalwa.
Uhlelelwe ukuthi ube ngoNovemba 20 kuya ku-24, eGauteng. Kuboshelwe amazwe amane, okungosokhaya iNingizimu Afrika, Lesotho, Mozambique neBotswana.
Lokhu kuchaza ukuthi kuzoba nompetha abasha ngoba izwe elaphakamisa indebe ngesikhathi udlalwa okokuqala ngo-2019, iTanzania, lizobe lingekho kulokhu.
ICosafa iphinde yaqinisekisa nokuthi kusazodlalwa owamantombazane ka-Under-17 ozobaseMaputo, eMozambique, ngoDisemba.