USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo’’ Biyela akasiboni isidingo sezinguquko ezinqala kwiPremier Soccer League (PSL).
UBiyela ngomunye wamalungu amasha ekomiti i-Executive Committee (Exco) yeNational Soccer League (NSL). Uvotelwe ngoLwesithathu nabanye abayisikhombisa okunguMato Madlala (Lamontville Golden Arrows), Johnny Mogaladi (Polokwane City), Tim Sukazi (TS Galaxy), Rejoice Simelane (Mamelodi Sundowns), Kaizer Motaung (Kaizer Chiefs), Stanley Matthews (SuperSport United).
Usihlalo wePSL ne-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, ubuyiselwe njengosihlalo wePSL engaphandle kokuphikiswa. Amalungu e-Exco avotelwa yisigungu i-Board of Governors okungamaqembu angu-32 ePSL ebunjwe yiBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship.
Ngaphansi kobuholi bukaKhoza, iPSL ibalwa namaligi aphezulu emhlabeni futhi ihamba phambili e-Afrika.
UBiyela uthe akukho akubona kufanele bakushintshe bengamalungu amasha e-Exco.
“Inkinga ngathi singabantu wukuthi sifika endaweni sifune ukushintsha izinto. Kuningi okuhle okwenziwe kwiPSL. Ihamba phambili e-Afrika, hhayi ngenxa yamaqembu kodwa lokho kwenziwa yindlela ephethwe ngayo. Kungani sizolungisa okungonakele? Okudingekayo nje kithina wukuthi sisheshise noma yini iPSL ezibekele khona, seseke abaphathi abakhona ngoba benze umsebenzi oncomekayo,” kusho uBiyela.
“Ngesikhathi silahlekelwa yiDStv njengabaxhasi beligi, abaphathi bePSL baqhamuka nesixazululo ngokushesha. Akukho esingakushintsha thina. Okumele sikwenze wukufunda ngokushesha kubaholi abanamava, sisheshise izinhlelo ezikhona. I-PSL isezandleni ezinhle kakhulu kusukela ehhovisi lesikhulu esiphezulu (Mato Madlala), uKhoza noMotaung. Akukho okusha esingabafundisa khona.”
UBiyela waseNgwelezane, wafinyelele esigabeni esiphezulu ebholeni laseMzansi eminyakeni edlule eyisikhulu seThanda Royal Zulu eyagcina idayisiwe. Ngaphambi kwalokho, wasebenza nezinhlaka ezahlukene ebholeni KwaZulu-Natal, ngesikhathi kulungiselelwa iNdebe yoMhlaba ka-2010 nangesikhathi kuqhubeka lo mqhudelwano eMzansi.